EzakamuvaIbhola

Akenelisekile uyise ngendlela ashone ngayo uBongi Ntuli

Uyise kaBonginkosi “Mdeva” Ntuli, uThulani Ntuli, uthi bethuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi bethola izindaba zokudlula emhlabeni kwalo mgadli obeyibamba kuMaZulu FC.

Abalandeli abaningi bakanobhutshuzwayo basale beshaqekile ngemuva kokuthi Usuthu lukhiphe isitatimende ngeSonto, luveza ukuthi akasekho emhlabeni uBongi Ntuli. 

Okuthuse kakhulu ukuthi bekungakaze kuvele ukuthi uNtuli akaphilile noma usesibhedlela ngenxa yokuxineka.

Nokho Impempe yakhe yabika ezinyangeni ezimbalwa ezedlule phambilini ukuthi uxinekile impela, kodwa leli qembu liyazama ukukufihla emphakathini lokho.

“Ukudlula emhlabeni kwendodana yami kusimangaze kakhulu. Ubengene esibhedlela ezinsukwini ezinhlanu kuphela,” kusho uThulani ekhuluma neRadio2000.

“Nangesikhathi esesibhedlela ubengabukeki egula kakhulu (ngaphandle komkhuhlane nje). 

“Ubezikhulumela nje. Udokotela usitshele ukuthi unesifo somdlavuza nokuthi simqale ngesonto elidlule.

“Kodwa asinaso isiqiniseko ngoba phela siphila ezweni labantu. Simvakashelile esibhedlela futhi ubebukeka ekahle. 

“Sithole ucingo ngeSonto lusitshela ukuthi isimo silokhu siba sibi. Kodwa nangesikhathi sifika lapho akubukekanga kukubi kakhulu.”

UBongi Ntuli ubesanda kushadelwa futhi kungakapheli nezinyanga ezingakhi kwenzekile lokho.

NgoSuku ashone ngalo, bekuhlelwe ukuthi umakoti wakhe, uSinenjabulo Zungu, azokwaba kubo. 

UMaZungu lo yilona oyisikhulu esiphezulu kuMaZulu futhi oyindodakazi kamengameli weqembu uSandile Zungu. 

“Kubuhlungu ngoba sisanda kujabulela umshado wakhe kungekudala. Silahlekelwe umuntu obesondla.

“UBongi akakaze akhohlwe lapho ephuma khona. Ubesithanda kakhulu futhi ubeletha injabulo uma ekhona.

“Besimbiza ngeBhubesi ngenxa yendlela abezihlupha ngayo izitobha. Ubeqonda ngqo kuzona bese adlule, ashiye unozinti enkemile.”

Impempe izoyilandela yonke imininingwane mayelana nokuthi uBongi uzofihlwa nini, kuphi. I-PSL iveze ukuthi kuzoba nemizuzwana yokuthula ngaphambi kwemidlalo yeDStv Premiership kusukela ngoLwesibili.

FUNDA NALA: Usevumbuke kwiTS Galaxy oxoshelwe ukugoloza kwiChiefs

Nomdlalo AmaZulu obekumele liwudlale neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu usuhlehlisiwe ukunika abadlali boSuthu ithuba lokubhekana nalesi simo.