EzakamuvaiDStv Premiership

UNtseki ukhale ngokulibala iChiefs ‘ipha’ iSundowns amaphuzu

Sbongs Gumbi

Liphunyuke selisesandleni iphuzu iKaizer Chiefs ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weDStv Prmeiership ngoLwesithathu ntambama. 

Kuke kwabukeka umdlalo uzophela zibambene ngo 1-1 kodwa iSundowns yalithola umdlalo usuphela igoli lesibili.

“Ngicabanga ukuthi uma ubuka icebo lethu, sinabike isikhathi esiningi ebholeni ngesiwombe sokuqala,” kusho umqeqeshi weChiefs uMolefi Ntseki. 

“Iphutha kube wukuhlala emuva sibayeke baphathe ibhola isikhathi eside okwenze bakwazi ukudlala beqhamuka maphakathi nenkundla.” 

Esiwombeni sesibili uNtseki wenze izinguquko ezifike zawujika umdlalo yakwazi nokuthola igoli lokulinganisa. 

“Igoli silithole ngomnyakazo omuhle kodwa sibe sesilibala, sabayeka bathola igoli lesibili… 

“Kumele sikwazi ukudlala ngokulandela amacebo ethu – sikwazi okumele sikwenze uma siphethe ibhola noma singaliphethe. 

“Kodwa leyo yinto esiyilungisayo. Besinokwesaba kakhulu esiwombeni sokuqala.” 

Uma kuthiwa inhlanhla uyazakhela njengoba iSundowns ukhukhombisile lokhu kulo mdlalo. Womabili amagoli iwaphiwe ngunozinti weChiefs.

IChiefs beyiza kahle, iyincisha iSundowns izikhala zokudlala futhi igoli ize yalithola ngephutha lezivakashi zayo. 

UBrandon Petersen uphasele u-Edson Castillo ebheke ngakuye, wathi uyalilahla ngaphandle lo mdlali, lavinjwa uPeter Shalulile. 

Ube eselibeka phambi kukaLucas Ribeiro okhombise ubuchule nokungatatazeli elilungisa kahle ngaphambi kokulinamathisela enethini. 

IChiefs incishwe iphenathi ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala ngesikhathi uShalulile ewisa uThayaone Dithlokwe ngaphakathi ebhokisini langakubo. 

Esiwombeni sesibili iChiefs ibuye seyingcono kakhulu futhi seyiyakha neminyakazo yokuhlasela ize iyingena ebhokisini leSundowns. 

Nayo iSundowns beyifika kuvalwe amehlo emapalini eChiefs. Imizamo yaMakhosi igcine ithelile sekusele ngaphansana kwemizuzu emihlanu umdlalo uphele. 

UTebogo Potsane, ongene esiwombeni sesibili, ugobe elihle ibhola ngakwesokunxele. 

Lifike ebhokisini lahlangana no-Ashely Du Preeze walinamathisela enethini kwaba sengathi izohamba nephuzu iChiefs. 

FUNDA NALA: Utatazeliswa yiSuperSport ‘ehlangene kahle’ owoSuthu

Kodwa uPetersen uphinde wenza elinye iphutha elibi ededela ibhola abeselibambile qede lawela enethini. Leli bhola belikhahlelwe uNeo Maema naye ongene esiwombeni sesibili.