EzakamuvaIbhola

IPirates seyengeze ngoGuy Mbenza emxhakeni ononophele?

Njabulo Shezi

I-Orlando Pirates isisayinise omunye umgadli, uGuy Mbenza yengeza emxhakeni wayo wabagadli ovele unonophele. 

Sekufike ezindlebeni zeMpempe ukuthi iPirates isifinyelele esivumelwaneni sokusayinisa lo mgadli odabuka eCongo, uGuy Mbenza kodwa imininingwane yesivumelwano ayikacaci.

UGuy Mbenza uneminyaka engu-25 kodwa ungumdlali osehambe kakhulu futhi odlale emazweni amaningi ehlukene. 

Useke wadlala ngakubo eCongo, eTunisia, eSwitzerland, eBelgium naseSaudi Arabia. Kodwa manje kuvela ukuthi usefuna ukuza kuleli.

Umthombo uthi uMbenza yisona sizathu esiholele ekutheni iPirates ihoxe empini yokusayinisa uRanga Chivaviro. 

UChivaviro umenyezelwe yizimbangi zayo iKaizer Chiefs njengomunye wabadlali bayo abasha ngoMsombuluko.

Bekuke kwavela ukuthi iPirates yayisayinise uChivaviro kanyekanye noKatlego Otladisa kwiMarumo Gallants kodwa yahoxa uma esebangwa. 

IRichards Bay nayo ithi imsayinisile lo mgadli oneminyaka engu-30 ngenkontileka yesibambiso ngoJanuwari futhi isabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho.

“IPirates inikwe ithuba lokusayina kuMbenza osemncane ngeminyaka, Kodwa yize ngingekaqinisekise ukuthi usesayinile yini, iPirates kukhona esibeke etafuleni,” kusho umthombo.

“Kufanele ukuthi uzitheleka kuleli maduze nje ukuzophetha izingxoxo. Uma esayinile uzobe esehlangana nozakwabo abasha. 

“Kulapho ke abaqeqeshi abazobe sebanquma ukuthi bazogcina bani bese bebolekisa ngabaphi uma sebebanone kahle bonke abagadli babo.”

Njengamanje iPirates inabagadli abangaphezulu kuka-10 ohlwini lwayo kodwa iningi labo lichithe isizini edlule libolekiswe kwamanye amaqembu.

FUNDA NALA: Kuvela okwenze iSundowns imchithe uLesedi Kapinga, ‘inhliziyo iseSoweto’

Nokho iPirates ivele izodinga ukuba neqembu elikhulu ngesizini ezayo njengoba izobe idlala emiqhudelwaneni emihlanu eyahlukene.

Izolwela iMTN8, iCarling Black Label Cup, iNedbank Cup, iDStv Premiership neCaf Champions League.