UTshego Mabasa ubageze igilo abebemngabaza kwiBafana
Sihle Ngubo
Njengokuthembisa komqeqeshi obambile weBafana Bafana uMorena Ramoreboli, uTshegofatso Mabasa ubaphendule abangani bakhe abalandeli ababemhhahhameza ngempelasonto.
Lo mgadli we-Orlando Pirates waba nomdlalo omubi iBafana ibhekene neBotswana kwiCosafa Cup, waze wagcian ekhishiwe.
Abalandeli babemhlezi emahlombe bemhhahhameza bethi akaphume ngoba umosha amathuba. Kodwa uMorena Ramoreboli wathi uzobaggeza igilo.
Nempela emdlalweni wokugcina esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano odlalelwa eThekwini, uMabasa ubavale imilomo abebemngabaza.
Nguye oshaye womabili amagoli iBafana ishaya iSihlangu seMnikati, iqembu lesizwe laseSwatini ngo 2-1 ngoLwesibili kusihlwa.
“UTshego ungumgadli ongangashaya amagoli noma kunini,” kusho uRamoreboli ngemuva komdlalo obuseKing Zwelithini Stadium.
“Angangakwenza lokhu (uVictor) Letsoalo akakwazi ukukwenza okuwukungena ngokushesha ezikhaleni, kodwa uTshego ukwazi ukuqedela ithuba.”
URamoreboli uthi yize ekwazi angakunikwa uMabasa emdlalweni, kodwa ngemuva kwezigameko zasemdlalweni odlule ubemfaka enokwesaba.
“Nakulokhu, kuwuzinikela nje ngethemba lokuthi okwenzeka kwamgqugquzela uTshegofatsho Mabasa ngoba bekumele abuye ngegiya eliphezulu.
“Bekumele azokhumbuza abantu ukuthi uTshegofatso Mabasa ungubani,” kuchaza lo mqeqeshi.
Ube esechaza nangabanye abadlali ukuthi benze kanjani nokuthi bekuyini abeyibheke kulo mdlalo.
“Emdlalweni wethu neBotswana asimsebenzisanga uTebogo Tlolane. Kodwa namuhla bekufanele simdlalise ngoba besidinga isineke maphakathi nenkundla, sizame ukubadonsa basuke emuva.
“Simdlalise ngoba uyakwazi ukuvala izikhala futhi uyakwazi ukulibamba ibhola. Besikudinga lokho.
“Sibhekene neBotswana samsebenzisa ngokweqile (uShaun) Mogaila futhi kulo mdlalo bekumele sizame ukumehlisela umsebenzi.
FUNDA NALA: Owe-Orlando Pirates uchaza ngenhloso yohambo lwaseSpain
“Yingakho kudingeke ukuthi simkhiphe ngokuhamba kwesikhathi,” kuchaza lo mqeqeshi osanda kuvuselela inkontileka yakhe kwiJwaneng Galaxy eBotswana.