Igabe nge-PDP iChiefs, uNtseki uyabazi ubuthaka beDowns
Sbongs Gumbi
Abalandeli beKaizer Chiefs baqine idolo ngabadlali babo asebebabiza ngele PDP abathi bazoyicoboshisa ingakholwa iMamelodi Sundowns.
Lo PDP umele amagama abadlali abathathu neChiefs abadlaselayo futhi abasefomini enhle muva nje.
Laba badlali asebebizwa nge-PDP ngoPule Momodi, Ashely Du Preez noTebogo Potsane abadlala kahle muva nje.
UMmodi usengene efomini enhle yokushaya amagoli njengoba enamathathu emidlalweni emibili edlule.
Washaya amabili bebukisa ngaMaZulu FC bewashaya ngo 3-0 nelilodwa behlula iStellenbosch FC ngo 2-0 emidlalweni yeligi.
Ifomu yalaba badlali ibaqinisa idolo abalandeli njengoba iChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8 eFNB Stadium, eGoli ngoMgqibelo ntambama.
Nomqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki uveze ukukhululeka ekhuluma ngalo mdlalo, ethi uyazi la bezoyibamba khona iSundowns.
Uthe usebubonile ubuthaka angabusebenzisa ukusiza ezakhe zidlule zibheke kowamanqamu kulo mqhudelwano.
“Iqembu neqembu linobuthaka balo, futhi angikholwa wukuthi iSundowns yehlukile kwamanye amaqembu esinawo kwiPSL,” kusho uNtseki.
“Uma iphethe ibhola, iyingozi embi kakhulu. Kodwa umbuzo uthi, uma libalahlekela ibhola ayikho yini indlela ongababamba ngayo? Yilokho esisebenzela phezu kwakho.”
Lo mqeqeshi uthe ngeke achaze kakhulu ngoba kuyobe abenzi into efanele, kodwa yena uyazi ukuthi uzoyibamba kanjani.
Ube esenxenxa abadlali bakhe ukuthi badlale ngokukhululeka, behlise umoya bese bezethemba kulo mdlalo.
“Asikubhekile kakhulu okwenzeke kudala, sibheke phambili ukuthi sibhale esethu isiqembu somlando.
“Siyazi ke ukuthi ukubhala lo mlando kuzoba nezinselelo esizobhekana nazo futhi kuzodinga siqine impela.”
Njengoba ewine imidlalo emibili kulandelana, uNtseki uthi ngeke alishintshe kakhulu icebo abebelisebenzisa beshaya AmaZulu neStellies.
“Ngokwamacebo, ngicabanga ukuthi sizoqhubeka nalawa asisebenzele emidlalweni emibili edlule.
“Lokho sizokwenzela ukuthi wonke umdlali abe sesimweni esifanele futhi akuqonde okubhekwe kuye uma siphethe ibhola noma lisilahlekela.
“Okuhle okwenzekile wukuthi siyawashaya amagoli uma sibekelwe ibhola phansi, lokho kuyasiqinisa njengoba sibheke kulo mdlalo.
“Emidlalweni emibili edlule asizange singenelwe goli. Ngakho ngicabanga ukuthi kubalulekile ukwenza okufanayo namanje.
FUNDA NALA: Uselitholile elinye iqembu owagiya exoshwa kwiKaizer Chiefs
“Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi sishaye amagoli kulo mdlalo esiya kuwo,” kuchaza uNtseki oseke wabhekana nolaka lwabalandeli, abamjukujela.