EzakamuvaIbhola

IChiefs ‘iphahlukile’ ngo-Alexander osanonyaka osele kwinkontileka

Intatheli yeMpempe

Sekuqubuke izinsolo zokuthi iKaizer Chiefs iyikhulumele eziko eyokuhlukana kwayo nomdlali wasesiswini uCole Alexander. 

Kuvela ukuthi leli qembu limemezele ukuthi uyashiya u-Alexander kodwa bengakavumelani naye ngokunqanyulwa kwenkontileka. 

Lo mdlali onamava usasalelwe yisizini eyodwa kwinkontileka yakhe kodwa kuyacaca akasekho ezinhlelweni zabaqeqeshi eNaturena. 

Wayefike noStuart Baxter ngesikhathi elandiwe kuthiwa akazohlela leli qembu. Kodwa njengoba lo mqeqeshi ahamba kungasekuhle, nababefike naye basala nomsizila. 

Indodana yakhe uBaxter, uLee Baxter obecija onozinti wakhonjwa indlela ngesizini elandela le okwakhululwa ngayo uyise. 

Kusukela lapho, u-Alexander ubeselizwa ngendaba ijezi ngaphansi kuka-Arthur Zwanr kanti nokuliimala njalo bekungamsizi ngalutho. 

Umthombo osondelene nalo mdlali utshele abePhakaaathi ukuthi u-Alexander namanje akakafinyeleli esivumelwaneni neChiefs ngokushiya  kuleli qembu.

“Angazi ukuthi kungani bememezele ukuhamba kwakhe ngaphambi kokukhuluma nabaphathi bakhe,” kusho lo mthombo.

Lo mthombo uthi ukungabi nasifuba kweChiefs sekunike u-Alexander amandla uma sekuxoxiswana ngokukhululwa kwakhe.

“Uma uCole ethanda, angahlala unyaka eqenjini athole umholo wakhe uphelele nje futhi. Kodwa ke uma sewuneminyaka engu-33 njengaye, kumele ube ngumuntu odlala njalo.” 

 Kuvela ukuthi lo mdlali oke wagijima e-India ngaphambi kokubuyela kwiChiefs uvele unazo izesheli ezizogxuma zimthathe uma ededelwa eNaturena.

FUNDA NALA: Kuvela okwenze iSundowns imchithe uLesedi Kapinga, ‘inhliziyo iseSoweto’

“IStellenbosch nayo isike yabuza ngaye kodwa iSuperSport United izoba ngcono ngoba uyazana futhi udlale kahle ngaphansi kukaGavin Hunt. 

“Kodwa enye inkinga wukuthi kuzomele iqembu elimfunayo njengamanje likhokhe kwiChiefs.”