Uthukwe yilungu lesigungu seSafa uDoctor Khumalo ngeBanyana
Intatheli yeMpempe
Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uDoctor Khumalo usedalule ukuthi usanda kuthola imiyalezo emdelelayo evela kwilungu lesigungu esiphezulu kwiSafa uMonde Montshiwa.
UMontshiwa, ongene kulesi sigungu ngo-2009, ugxekwe yisilomo seBafana esibuye sibe ngumhlaziyi kwiSABC Sport uDoctor Khumalo kwiSoccerZone ngodaba lokungaboni ngaso linye okukhona phakathi njengamanje kweSafa neBanyana Banyana.
“Uyazi ngithole umyalezo ovela kuMonde Montshiwa, oyilungu le-NEC yeSafa,” kusho uDoctor Khumalo kwaseSABC SPort.
“Ubethi iChiefs ayizange inginike umsebenzi, iPirates neSafa abangikweleti nesenti futhi abazange banginike ngisho umsebenzi.
“Okubuhlungu wukuthi yena uhlasele mina ngqo kodwa wakhohlwa wukuthi amalungu eNEC akhona nje gnoba amele abantu baseNingizimu Afrika.
“Noma yimuphi umuntu kuleli uvumelekile ukuthi abe nombono nganoma yini ethinta ibhola.
“Okubuhlungu wukuthi uveze ukuthi amalungu eNEC awazi lutho ngebhola lakuleli. Bengimnakile kodwa yena umelene nami uyangithuka.”
UDoctor Khumalo, owayilungu leqembu lesizwe eladla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996 nelangena eNdebeni yoMhlaba ka-1998, naye ukuqinisekisile ukuthi uke waya ekhempini yeBanyana.
Uthi ubeyogqugquzela futhi eyokweseka abadlali mayelana nezindaba ezithinta amabhonasi njengoba iBafana ike yehlelwa okufanayo ngezinsuku zakhe zokudlala.
“Nginelungelo lokubuza umengameli uDanny Jordaan ngokwenzekayo, kungakhathalekile ukuthi ngisebenzisa yiphi inkundla.
“Sibone into engakaze yenzeke emlandweni waseNingizimu Afrika (ebholeni),” kwengeza uKhumalo.
FUNDA NALA: Ithuba lokugcina ku-Emmanuel Letlotlo owalahla ithuba kwiChiefs
“Ngisanda kunitshela ukuthi nathi sake sabhekana nesimo esifanayo sizodlala ne-England.
“Mina bengiyile kwiBanyana ngoLwesihlanu ngiyobakhuthaza njengoba izoya eNdebeni yoMhlaba.
“NangoMgqibelo yilokho okwakuzokwenzeka (kodwa amantombazane aduba). Lo mlisa ungumengameli weSafa kodwa akumele simkhombe ngomunwe uDanny, noa i-NEC yakhe.”