Ezakamuva

Kuhlukane inhloko nesixhanti kuXulu neSuperSport

SIHLE NGUBO

ISuperSport United seyihlukene nesitobha uSiyanda Xulu kusaphele isizini eyodwa kuphela efike kuleli qembu.

UXulu ujoyine amaTsatsantsa a Pitori ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokuhlukana neTuran Tovuz IK yase-Azerbaijan. Lesi sitobha sike sayibamba kwa-Israel amasizini amabili lapho besigijima khona kwiHapoel Tel Aviv.

Ngesikhathi se-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka uXulu ubengajwayele ukusala esikimini sikaHugo Broos, ocija iBafana Bafana. Kulo mqhudelwano uXulu udlale imidlalo emithathu esiza iBafana Bafana ukuthi iqede endaweni yesithathu, yabuya nendondo yethusi.

Nokho emidlalweni yakamuva yeBafana uXulu ubengekho. Lokho bekwenziwa ukuthi ubengasadlali kwiSuperSport njengoba isigcine imchithile.

Ukuhlukana kukaXulu, oneminyaka engu-32, naleli qembu lasePitoli kusho ukuthi usengazitholela iqembu alithandayo. Amanye amaqembu aseke wawadlalela eNingizimu Afrika yiMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs neMaritzburg United.