EzakamuvaIbhola

Akuhambanga kahle kuSiya Ngezana edlala okokuqala kwiFCSB

Sbongs Gumbi

Bekufanele ngabe kube wukufezeka kwephupho kuSiyabonga Ngezana ngesikhathi edlala okokuqala futhi enikwa ibhande lokuba ngukaputeni kwiFCSB ngoLwesithathu. 

Kodwa akuzange kuhambe ngendlela abengafisa ngayo lo mdlali obegijima kwiKaizer Chiefs ngesizini edlule ngesikhathi edlala okukuqapa kwiFCSB. 

UNgezana useyoduduzwa wukuthi uthole ukwesekwa ngumqeqeshi wakhe omusha, u-Elias Charalambous.

Ubedlala okokuqala emdlalweni wobungani nePAOK, kodwa wenza iphutha ngesikhathi ejikwa wumgadli qede wasala elele phansi. 

Ungene esiwombeni sesibili, wabe esenikwa ibhande lobukaputeni, kodwa wenza iphutha elenze iPAOK yathola igoli lokulinganisa, umdlalo waphela ngo 1-1. 

Kodwa uCharalambous usamethemba uNgezana futhi ukholelwa ukuthi uzojwalela futhi akhule ngokuhamba kwesikhathi.

Lo mqeqetshi weFCSB ugcizelele ukuthi amaphutha anje ajwayelekile emidlalweni kanobhutshuzwayo, akumele kube yoyonanto ajajwa ngayo uNgezana. 

“UNgezana musha eqenjini lethu, futhi akufanele simehlulele ngalokhu kushelela kwakhe okwenzeke ngaphambi kwegoli lePAOK,” kusho uCharalambous. 

“Lezi zinto ziyenzeka ebholeni, futhi sonke kumele sigxile ekumsizeni ukuthi ajwayele indlela yeqembu yokudlala ngokushesha.”

Amazwi okusekwa aphuma kuCharalambous azoba yindunduzo kuNgezana futhi abonisa ukuqonda nesineke abanaso ngaye kwiFCSB. 

Babonakala bekulungele ukumsiza ukuba azinze njengoba esendaweni entsha. Kuyacaca ukuthi umqeqeshi uyalibona ikhono lalo mdlali wasemuva waseNingizimu Afrika.

Kuzokhumbulea ke nokuthi kungokokuqala uNgezana edlala kusukela eshiye kwiChiefs akhulele kuyo. 

FUNDA NALA: Ezishaqisayo ngokudayiselana kweMilford noTongathi, kukhona oqoliwe

Lo mdlali oneminyaka engu-25 uthuthele eRomania emasontweni ambalwa edlule.

Ubengomunye wamasosha ayizethenjwa zika-Arthur Zwane kuMakhosi ngaphambi kokuthi ahambe.