Ezishaqisayo ngokudayiselana kweMilford noTongathi, kukhona oqoliwe
Alfred Ngubane
UDokotela Xanti Pupuma, ongusihlalo weMilford FC usephumele obala ngemibiko ezigcwele kwabezindaba zokuthi usethenge isitifiketi soThongathi FC sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Lezi zindaba ziphume ngempelasonto kanti neMpempe ibikile ukuthi sekuthengiselwene.
Kodwa uDkt Pupuma uthi basakhulumisana nabaphathi boThongathi kodwa okwamanje kungenhla kwamadolo, akulungi.
Ngenxa yalokho, uthi sebeze baqala ukuxoxisana namanye amaqembu adlala kuso lesi sigaba seChampionship.
Ngasohlangothini lThongathi, imenenja yeqembu uMakhosonke Mhlongo uvele wathi yena ngeke akhulume ngento angatshelwanga yona ngabaphathi.
“Nathi sibona khona lokhu okugcwele kwabezindaba ukuthi leli qembu liyadayisa. Thina asikwazi lokho,” kusho uMhlongo.
Ube eseyalela le ntatheli ukuthi ikhulume nabaphathi boThongathi ukuze ithole inhloko nesixhanti kodwa abatholakalanga njengoba izingcingo bezikhala kodwa zingabanjwa. Nokho ekuzameni ukuthola umnyombo wale ndaba, Impempe igcine ithola ngomunye ocele ukungadalulwa ukuthi leli qembu alisadayiswa nhlobo.
“Iqembu alisadayisi futhi lizoqala ukuzilungiselela isizini ezayo ngeviki elizayo,” kusho lo mthombo. Ube usuveza ezishaqisayo.
“Kodwa mfowethu ngingakutshela nje ukuthi uDkt Xanti Pupuma ubeseyifakile imali komunye wabaphathi boThongathi.
“Inkinga uyifake kwi-akhawunti yakhe ngqom hhayi yeqembu. Asazi ke ukuthi bebevumelane ngani nokuthi uzoyibuya yini leyo mali,” kusho lo mthombo.
Uthongathi selokhu lagubuzelwa yifu elimnyama ngemuva kokubulawa kosihlalo wayo uNicolas Mkhize eminyakeni embalwa edlule.
Ngemuva kwalapho leli qembu lihaqhwe yizinkinga zezimali kwabakhona nombango wobunikazi.
Lingelinye lamaqembu abethembisa ukuthi lingakhushulwela kwiDStv Premiership kodwa lisadovadova ndawonye.
FUNDA NALA: Ufuna ukulanda izihlabani ezimbili zeSundowns uPitso Mosimane
Nebala selikhiqize abadlali abaningi abazakhele amagama kubona esingabala oSphamandla Mtolo (obengukaputeni weRichards Bay osanda kushona) Pule Mmondi osekwiKaizer Chiefs, Celimpilo Ngema osekuMaZulu nabanye abaningi.