EzakamuvaIBafana Bafana

UMbokazi noHlongwane ngeke bawudlale oweBafana nePanama

SIHLE NGUBO

Abadlali ababili beNingizimu Afrika ngeke babonakale emdlalweni wobungani, uma iBafana Bafana seyitholana phezulu nePanama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

IBafana ilungiselela iNdebe yoMhlaba ka-2026 kanti izodlala imidlalo emibili nePanama, eThekwini naseKapa.

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukuqinisekisile ukuthi uMbekezeli Mbokazi noBongokuhle Hlongwane, ngeke babe yingxenye yomdlalo waseThekwini.

UMbokazi ugijima kwiChicago Fire yase-USA, edlala kwiMLS, kanti uHlongwane uyibamba kwiMannesota SC yakhona e-USA.

UBroos ucacisile ukuthi kungani uMbokazi, ozakhele igama kwi-Orlando Pirates, noHlongwane, bengeke badlale ngoLwesihlanu.

“Into engingayisho ngeqembu lonke ukuthi uMbokazi noHlongwane ngeke badlale,” kusho uBroos kwabezindaba.

“Akulona ushintsho olwenziwa abaqeqeshi, akukona futhi ukuthi bayagula, yingenxa yohambo lwabo olusuka e-America beza lapha nokukhathala.

“Okubalulekile kimina akuwona umphumela kodwa ukuthi iqembu lidlala kanjani. Ngingakuqinisekisa ukuthi siwulungele umdlalo.”

UBroos uqinisekisile ukuthi laba badlali bobabili bazobuya emdlalweni wesibili nePanama eKapa ngoLwesibili.

KwiNdebe yoMhlaba iBafana iseqoqweni elilodwa neMexico, iRepublic of Korea kanti kusazocaca elilodwa elizobajoyina phakathi kweDenmark neCzechia.

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss, Renaldo Learner

Izitobha: Mbekezeli Mbokazi, Nkosinathi Sibusi, Ime Okon, Khuluso Mudau, Khulumani Ndamane, Aubrey Modiba, Thabang Matuludi, Samukele Kabini

Abasesiswini: Tebogo Mokoena, Thalente Mbatha, Siphephelo Sithole, Jayden Adams

Amafolosi: Tshepang Moremi, Evidence Makgopa, Themba Zwane, Lyle Foster, Relebohile Mofokeng, Oswin Appollis, Bongokuhle Hlongwane, Thapelo Maseko