EzakamuvaIbhola

IChiefs ibhekene nenkinga yonozinti abalimele

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs igqemeke ingozi engeqiwa ntwala njengoba sekukhona omunye umdlali wayo osejoyine uhla lwabalimele.

Amakhosi avele asahlenga abadlali abafana noPaseka Mako, uGiven Msimango, u-Ethan Chislett, uRushwin Dortley, uKhanyisa Mayo noBontle Molefe, ongunozinti.

Nokho leli qembu laseNaturena kuzomele lidlale imidlalo elandelayo ngaphandle kukanozinti walo uFiacre Ntwari.

Lo nozinti, ongowokudabuka eRwanda, uhlinzwe ihlombe ngempumelelo kodwa okunzima kakhulu ukuthi uzohlala izinyanga ezimbili engadlali.

Lokhu kuchaza ukuthi iChiefs izodlala imidlalo yayo ngoDisemba noJanuwari, inonozinti ababili kuphela, okuyinto eyibeka engcupheni.

Njengamanje unozinti ovamise ukuqala imidlalo uBrandon Petersen, ophinde abe ngukaputeni waMakhosi.

UBruce Bvuma, naye oke wathinteka ekuqaleni kwesizini, ubengakaze adlale selokhu kuqale isizini ka-2024/2025.

Lokhu kuzoyinika inkinga enkulu iChiefs uma kwenzeka kulimala uPetersen, ngoba kuzosho ukuthi uBvuma uyena yedwa ozobe esengumqemane konozinti.

IChiefs inemidlalo enzima njengoba iyibambe kwiCAF Confederation Cup, kanti nemidlalo yeBetway Premiership ayizibekile phansi, iyaqhubeka.

Kungekudala kuzoqala imidlalo yeNedbank Cup njengoba kuzosongwa iCarling Knockout ezodlalwa yi-Orlando Pirates neMarumo Gallants kowamanqamu, ngoDisemba 6.

IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana ne-Al Masry yase-Egypt, emdlalweni wokuqala wamaqoqo ekuhambeni ngoNovemba 23.

Ngemuva kwalokho izobhekana neZamalek ngoNovemba 30 ekhaya. Izobe seyivala unyaka ngokudlala umdlalo wePremiership lapho izobhekana neChippa United ngoDisemba 3.

Imidlalo elandelayo iyoze iyidlale sekuphele i-Africa Cup of Nations (AFCON) eqala ngoDisemba 21 eMorocco.