Banyana: iNetherlands ishiye abanye besola, abanye bencoma
Sbongs Gumbi
Ukushaywa kweBanyana Banyana ngo 2-0 yiNetherlands, iyiwashisa ijezi kwiNdebe yoMhlaba, sekususe phansi izinsolo ngokungadlaliswa kwabadlali abathile kuleli qembu.
INetherlands igile iBanyana Banyana ngeSonto ekuseni emdlalweni obumuhle kodwa ulisinda elakuleli.
Ukufika kwelakuleli esigabeni somkhumulajezi kuyinto ekhomba inqubekela phambili njengoba ngo-2019 labuya lingazange linqobe nakanye.
IBanyana Banyana yawuqala ngebatha lomqhudelwano ishaywa yiSweden ngo 2-0 kwangathi izinto ziyayibhimbela.
Nokho yabe seyilandelisa ngokubambana ne-Argentina, abuya amathemba okuthi isangadlulela phambili.
Nebala yakwenza lokho ngesikhathi ishaya i-Italy ngo 3-2 emdlalweni owawushubile nokwagcina kwengeze imizuzu engu-15 ekupheleni kwawo.
Abadlali be-Italy bayincoma kakhulu iBanyana, bebabaza ikhono elikubadlali bayo bemangazwa wukuthi ayikho neligi ekhokhelayo yabesifazane kuleli.
Kodwa ke ngeSonto kuqale phansi ukusolwa komqeqeshi uDesree Ellis ngokuphikelela kwakhe ngonozinti uKayln Swart esikhundleni sika-Andile Dlamini.
Kusukela waqala lo mqhudelwano kukhalwa ngakho ukubekwa ebhentshini kukaDlamini.
Kwaze kwavela izinsolo zokuthi uyajeziswa ngoba esolwa ngokuthi nguye owaqala isiteleka sokulwela imihlomulo ngaphambi kokuthi iqembu lihambe.
USwart naye usake usawoti esilondeni egolini lesibili leNetherlands, ededela ibhola selisesifubeni, ladlula layonamathela enethini.
Abanye bababaza ikhono elimangalisayo likaThembi “Pikinini” Kgatlane obezoba okungangabazeki ukuthi ungomunye wabadlali abavelelile kule mqhudelwano.
Nokho ke ukusolana ngeke kusasiza manje ngoba iBanyana Banyana iyapakisha kumanje, ilungiselela indlela ebuyayo.
Phakathi kosaziwayo abaveze ukuziqhenya kwabo ngeBanyana Banyana kukhona u-Anele Mdoda ongumsakazi nomethuli wezinhlelo kwithelevishini.
FUNDA NALA: Akusona isiqalo sokuncintisana neSundowns lesi sePirates
Uthe nakanjani uzoba khona esikhumulweni sezindiza ukuyokwemukela leli qembu uma selitheleka kuleli. Kulindeleke ifike ekuqaleni kweviki elizayo.