EzakamuvaIbhola

ISwallows ilugobe inkani Usuthu, ilushaya lungasaphelele

IMoroka Swallows ikhombise ukuqina kwayo ngesikhathi ibuya kade seyilandela ngemuva ishaya AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership obuseDobsonville Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.

Lokhu kunqoba kukhuphulele iSwallows endaweni yesithathu kwilogi kanti seyithole umfutho ozoyenza ifune ukunqoba futhi uma seyibhekene neChippa United ngo-Okthoba 4.

Ngakolunye uhlangothi, AmaZulu ahlezi endaweni yesishiyagalombili njengoba ishaywe okokuqala ngemuva kokwenza kahle emidlalweni emithathu edlule. 

Usuthu luzoba nekhefu elide la umqeqeshi uPablo Martin ezobe ebheke ukulungisa okonakele njengoba luyoze lubuyele enkundleni ngo-Okthoba 28.

La maqembu womabili athwale kanzima ukwakha amathuba acacile ekuqaleni komdlalo, kodwa Usuthu lunyuse izinga ngemuva kwesigamu sehora njengoba kuyiwa ekhefini.

Kuthe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini waqhamuka u-Ethan Brooks walubeka phambili Usuthu, ededela ishodi lamhlula unozinti weSwallows uDaniel Akpeyi. 

Nokho izinto ziwajikele AmaZulu emizuzwini engu-12 kuqale isiwombe sesibili ngesikhathi u-Abubeker Mobara ekhishwa ngekhadi elibomvu. 

ISwallows ibe seyikusebenzisa lokhu kushoda koSuthu, uTshegofatso Mabasa washaya igoli lokulinganisa sekusele imizuzu engu-19 ukuthi kuphele umdlalo. 

FUNDA NALA: Kuduma upotiyane kuRiveiro ngokukhishwa kweBucs koweCaf

Ubuyile uMabasa – obolekiswe kwiSwallows yi-Orlando Pirates – washaya elesibili sekusele ngaphansi kancane kwemizuzu engu-15.