Akukapholi kuHunt ukuxoshwa yiChiefs esebheke intambo kwiChampions League
SIHLE NGUBO
UGavin Hunt, oqeqesha iSuperSport United, usezwa ubuhlungu ngokuthi akayanga kowamanqamu weCaf Champions League neKaizer Chiefs ngo-2021.
Lo mqeqeshi waxoshwa yiChiefs iqembu selikowandulela owamanqamu weChampions League ngaleyo sizini. Kwabamba u-Arthur Zwane noDillon Sheppard ngaphambi kokuthi kuqashwe uStuart Baxter.
Lo mqeqeshi (uBaxter) uyena owayesebhentshini iChiefs ibhekene ne-Al Ahly yase-Egypt lapho Amakhosi ashaywa khona ngo 3-0. Kulowo nyaka owamanqamu wawungumlenze owodwa kodwa sekubuyelwe ekutheni ube yimilemze emibili.
UHunt uvumile ukuthi lokhu okwenzeka kuyena yinto eyohlala naye impilo yakhe yonke.
“IChiefs yayidlala kahle kakhulu (kwiCaf), ngafinyelela kowandulela owamanqamu weChampions League ngase ngixoshwa,” kusho uHunt.
“Angikwazanga ukuya neqembu kowamanqamu, lokho kwangiphoxa kakhulu. Yinto engizophila nayo impilo yami yonke kodwa kunjengoba kunjalo.”
UHunt awangatshazwa amava akhe kunobhutshuzwayo. Unqobe isicoco sePremiership kane – kathathu kulandelana neSuperSport, kwase kwaba kanye neBidvest Wits engasekho.