Imenenja kaTeboho Mokoena icacisa ngenzingxoxo neDowns
Seyiphumele obala imenenja kaTeboho Mokoena, yacacisa ngamahlebezi aqhubekayo ngalo mdlali nekusasa lakhe kwiMamelodi Sundowns.
Kusanda kuvela imibiko yokuthi lo mdlali usezingxoxweni zokwelula inkontileka yakhe kuleli qembu kodwa azihambi ngendlela obekulindeleke ngayo.
Kuphinde kwavela amahlebezi okuthi sekuseduze asayine inkontileka ezomhlalisa kwiSundowns eminye iminyaka eyisithupha ukusuka manje.
UMokoena usavele usalelwe yiminyaka emibili kwinkontileka anayo neSundowns kodwa leli qembu lifuna ukuqinisekisa ukuthi akayi ndawo.
Phela uTeboho Mokoena uzihehele amaqembu ahlukene ngendlela adlale kahle ngayo kwiCaf Africa Cup of Nations ngoJanuwari/Febhuwari.
“Simangalile nje futhi sapoxeka ukufunda kwabezindaba imibiko ephuma kwimithombo esondelene neSundowns ethi sekuseduze kuvunyelwane.
“Thina sihambele kude nabezindaba ngenhloso ngoba sihlonipha iSundowns nobucayi bezingxoxo,” kusho uGlyn Binkin kwiSABC Sport.
“Kodwa sengibona kufanele ukuthi ngiqondise izinkulumo ngalolu daba ukuze kungabi khona abathola ulwazi olungelona.”
UBinkin uyena imenenja kaTeboho Mokoena kanti uzwakale ecikekile ngalezi zindaba eziphuma ngemithombo yaseChloorkop.
“Silokhu sixoxisana nabo kusukela ngoNovemba, futhi ngeshwa asikasondeli kwakusondela ekutheni sivumelane.
“Lokho sekudale okukhulu ukukhathazeka nokuphoxeka kimi naye umdlali…
“Nokho sinethemba lokuthi ikilabhu izobuya nokungcono, okuzoletha isiphetho esizokwanelisa zonke izinhlangothi.
“Lokho kungasiza ukuthi umdlali aqhubeke nokukhipha ikhono, anqobe izindondo zokuba ngumdlali ovelele kwiSundowns isikhathi eside esizayo.”
Kumaqembu okuke kwavela ukuthi azibhekile kuTeboho Mokoena kukhona ne-Al Ahly yase-Egypt okudlala kuyo uPercy Tau njengamanje.
FUNDA NALA: Abasalile kwiBafana: Kuyezwakala okukaFoster, uMabasa?
Kukhona namanye ase-Europe abengakaveli amagama awo kodwa kukhona nelaseBelgium kuwo.