U-Erasmus uthi iPirates izobuya eSpain seyingcono kakhulu
Njabulo Shezi
Umgadli we-Orlando Pirates, uKermit Erasmus, uthi ukuzilolonga kwabo kokuqala eMarbella, eSpain bekukuhle futhi ukuba se-Europe njengeqembu yinto enhle kuwo wonke umuntu oseqenjini.
AmaBhakabhaka aqale ukuzilolongela isizini entsha eRustenburg eNorth West ngaphambi kokulibhekisa e-Europe.
Ngemuva kokungena kule nkundla abazicijela kuyo okokuqala ngqa ngoMsombuluko, u-Erasmus ukholwa wukuthi kuzoba kuhle kakhulu ukuthi badlale namaqembu aqhamuka emazweni ahlukene.
Ngesikhathi sabo eSpain, amaBhakabhakaama azobhekana neMaccabi Tel Aviv yase-Israel ngoJulayi 13. Ngemuva kwalokho izogadulisana ne-Independiente yase-Ecuador ngoJulayi 15 bese ivala uhambo nge-US Las Palmas ngoJulayi 19.
IPirates ike yagxekwa ngokudlala naleli qembu lase-Israel, kodwa yakhipha isitatimende kuleli sonto izivikela, iveza okwenze ivume ukudlala lo mdlalo.
“Usuku lokuqala beluluhle, ukuzwa inkundla, ukuzwa ukuthi imvelo injani nezimo, ngakho-ke kube kuhle kuze kube manje.
“Ukuzicija kwethu kube kuhle futhi sikubheke ngabomvu ukudlala le midlalo yokuzwana amandla,” kusho u-Erasmus.
“Ukuza e-Europe okokuqala njengeqembu laseNingizimu Afrika kuyisipiliyoni esihle. Hhayi kimina nje kuphela, kodwa kuwo wonke umuntu oseqenjini.
“Kuhle ukuthi sithole isipiliyoni futhi sidlale namaqembu ahlukene aphesheya futhi sizihlole ukuze sibone ukuthi sikude noma silivale kangakanani igebe….”
IPirates ibuya kwisizini enhle la inqobe khona izindebe ezimbili – eseMTN8 neseNedbank Cup. Futhi u-Erasmus ucabanga ukuthi ikilabhu isendleleni ebheke ekutheni yenze kangcono ngesizini ezayo.
Lo mgadli uthi manje sekumele baqinisekise ukuthi bagcina umgqigqo kanti uthi ukuba seSpain kubanika indawo ekahle yokuzilungiselela isizini ka-2023/24.
“Konke esikwenzayo sikwenzela ukuthuthuka bese sikwazi ukubamba umgqigqo isizini iqala ize iphele. Yilokho esizama ukukwakha.
“Sakhe isisekelo esihle ngesizini edlule futhi lena yindawo enhle yokuthi siqhubeke nokuhamba (lapho sigcine khona ngesizini edlule).”
FUNDA NALA: Izinguquko kwiSwallows, ibuyela egameni lakudala
Ngaphezu kokunqoba izindebe ezimbili, iPirates ikwazile nokuqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership, yangena kwiCaf Champions League.
U-Erasmus nozakwabo bazobe befuna ukwenza kangcono ngesizini ezayo ngokuthi balwele isicoco seligi.