EzakamuvaIbhola

Owe-Orlando Pirates uchaza ngenhloso yohambo lwaseSpain

Njabulo Shezi

Ukudlala namaqembu aqhamuka kwamanye amazwekazi yinto ezoyiqinisa i-Orlando Pirates, ngokusho kwesitobha uSandile Mthethwa. 

I-Orlando Pirates kumanje isekhempini yayo yesibili yokulungiselela isizini eMarbella, eSpain la izohlala khona amaviki amabili. 

Ngesikhathi ikulekhempu, i-Orlando Pirates izodlala imidlalo yokuzwana amandla namaqembu aqhamuka kwamanye amazwe. 

NgoJulayi 13, izogadulisana neMaccabi Tel Aviv, bese kuthi ezinsukwini ezimbili ukusuka lapho izwane amandla ne-Independiente da Valle. 

Lolu hambo lwaseSpain, okuyila kuzalelwa khona umqeqeshi wayo uJose Riveiro nephini lakhe lokuqala uSergio Elmanara, luzovalwa ngomdlalo neLas Palmas. 

Leli qembu lizobe ligijima kwiLa Liga ngesizini ezayo njengoba linyukele kulesi sigaba ekupheleni kwesizini edlule. 

Yingakho ke umdlali wasemuva kwiPirates uSandile Mthethwa ekholwa wukuthi bazozuza okuningi kule khempu.

 “Kuyinto enhle kakhulu lena kithi. Kuyiyithuba lokuthi  sidlale namanye amaqembu adlala kwelinye izinga ukuzibona ukuthi sikuliphi izinga,” kusho uMthethwa. 

“Sizozibona ukuthi ngabe sisezingeni labo noma singaphezulu. Mhlawumbe kukhona esizokunfunda kubo ngoba badlala kwamanye amazwe, kwamanye amazwekazi. 

“Kuhlezi kukhona umehluko noma ungaba mncane kangakanani. Yilokho esikufunayo. Sizele lokho lapha, sizofuna lawo mava.” 

Ukholwa wukuthi kuningi okwehlukile abazokufunda ngokudlala namaqembu akwezinye izizwe kunokuzilungiselela ngokudlala namaqembu asekhaya.  

“Sizofuna okuhlukile ukuze uma sibuya kule khempu kube khona okusha esikuzuzile okuzosisiza ukuthi sibe sezingeni elingcono sikwazi nokunqoba izindebe ekhaya.” 

Uma ibuya eSpain, i-Orlando Pirates izobe seyisalelwe amaviki amabili ngaphambi kokuqala kwesizini entsha la kubhekwe lukhulu kuyo. 

FUNDA NALA: Sikwethulela umthungi wejezi elisha le-Orlando Pirates

Ingcindezi izonyuka kuleli qembu kulandela ukwenza kwalo kahle ngesizini edlule linqoba izindebe ezimbili.  

 Nokho okuzobe kubhekwe kakhulu wukuthi izokwazi yini ukufakela iMamelodi Sundowns inselelo esicocweni seDStv Premiership esisenze esayo.