EzakamuvaIbhola

Izinguquko kwiSwallows, ibuyela egameni lakudala

Alfred Ngubane

Yize ingakacacisi ukuthi ngabe igcibe izigqibile yini izisele.ezayivimba ekusebenziseni igama.layo eliphelele, iSwallows FC seyimemezele ukuthi seyibuyela kweleMoroka Swallows kusukela ngesizini ezayo.

Kusukela labuyiswa leli qembu kade selidlala ehlathini kwi-ABC Motsepe League, alikwazanga ukusebenzisa igama lalo eliphelele.

Lokhu kwakungenxa yezikweletu zalo kubadlali baseBrazil elalingabakhokhelanga izimfanelo zabo ngaphansi kobuholi bukaLeon Prins.

Abaphathi abasha, abaholwa usihlalo uDavid Mogashoa bebelokhu belulwa udaba lwegama kodwa bavinjwe wukuthi iFifa ithi kumele baqale bakhokhele laba badlali abakweletwayo kuqala.

Nokho sekuthe ngoLwesibili ntambama leli qembu lamemezela ukuthi libuyela ekubeni yiMoroka Swallows. Lolu ngolunye lwezinguquko ezizobajabulisa abalandeli balo.

Kubukeka kukhanya phambili kwiDube Birds njengoba iqembu kuthiwa lakhiwa kabusha futhi nezonguquko ezihlakaniphile seziqalile ukubonakala.

ISwallows isanda kuqasha uSteve Komphela ukuba kube nguye umqeqeshi kanti nakubadlali kubhekwe kufike abasezingeni.

Kumanje kubhekwe ukuthi iqede izingxoxo no-Andile Jali ochithwe yiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule. Abazazi kangcono ezaleli qembu bathi uJali angase afike kuleli viki ehambisana noThamsanqa Gabuza.

FUNDA NALA: U-Ethan Brooks usebheke ukudlondlobala kuMaZulu

Kulo leli viki, leli qembu lingase liqinisekise ukuthola kwalo abadlali ababili kwi-Orlando Pirates oTshegofatso Mabasa noBongani Sam.