‘Nizoxolisa (kithina) ekupheleni kwesizini,’ kusho umqeqeshi weChiefs
SIHLE NGUBO
Usonga ngokuthi kukhona amathe azobuyela kwasifuba kubona ekupheleni kwesizini, omunye wabaqeqeshi ababambile kwiKaizer Chiefs, uCedric Kaze.
Lo mqeqeshi ucija Amakhosi kuze kuphele isizini, ngokubambisana noBen Khalil Yousef, kulandela ukushiya kukaNasreddine Nabi.
Abanye abalandeli babefuna kube yibona abathatha izintambo ngenxa yokuthi iqembu lalenza kahle uNabi engekho, eyonaka umkakhe eTunisia ngemuva kokuba sengozini yemoto, ngasekuqaleni kwesizini.
Nokho iningi labalandeli selibiza uKaze noKhalil Yousef, ngabotolika abangakwazi ukusebenzisa abadlali abahle abakhona kwiChiefs.
Ngasekupheleni konyaka odlule iChiefs izithole idlala imidlalo eminingi ngokulingana, yase ingayiqali kahle nemidlalo yamaqoqo kwiCAF Confederation Cup.
Leli qembu laseNaturena lisenephuzu elilodwa kuphela ngemuva kwemidlalo emibili yamaqoqo, nokwenza kubukeke sengathi lizoyizwa ngendaba imidlalo yama-quarterfinal yeConfederation Cup.
Nokho kumele ukuthi kubuyile ukuzethemba kuMakhosi ngemuva kokuthola amaphuzu aphelele emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili.
IChiefs inyukele endaweni yesithathu kwilogi ngemuva kokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 eFNB Stadium.
Igoli eliweze Amakhosi lishaywe ngu-Aden McCarthy, kanti umqeqeshi we-Arrows, uManqoba Mngqithi, usale ekhala edludluza ngokudliwa ngegoli akholwa ukuthi beliyi-offside.
Ngemuva kwalo mdlalo uKaze uthe labo ababagxekayo bazowagwinya amazwi abo ekupheleni kwesizini.
“Sizohlangana ekupheleni kwesizini. Futhi nina nizoxolisa,” kusho uKaze.
“Abantu bayasingabaza? Siyazi ukuthi senzani, sinezicucu kule nto.
“Ngininika kuze kuphele isizini, nginesiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyoxolisa.”
IChiefs inomdlalo onzima njengoba izobhekana neZesco United, emdlalweni weConfederation Cup, eLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, ngeSonto ngo-3 ntambama.

