Sizovakasha e-Alex isihlabani samankomane uFloyd Mayweather
Intatheli yeMpempe
UFloyd Mayweather uzozwa ubumnandi bempilo yaselokishini elidala kunawo wonke kuleli, i-Alexandra, enyakatho yeGoli.
Lo mshayisibhakela oze wathatha umhlalaphansi engakaze ahlulwe, uzobe evakashele indawo yokuzijuxuza kuleli lokishi ngoJulayi 16.
Ngokubika kwabeZimoja, uMayweather uzobe evakashe kuel ndawo ephethwe ngumculi wamaPiano uTumelo Manyoni owaziwa ngelikaMr JazzQ emculweni.
“Sijabule ngendlela engachazeki ngokuthi sizobe sivakashelwe ngelinye lamaqhawe ami endaweni engakhulela kuyo,” ucashunwe esho kanje uMr JazzQ.
“Uhlelo esinalo wukuthi simzwise impilo yonke yase-Alex. Inhloso yethu wukuthatha amaPiano siwase emhlabeni kodwa sifuna nabantu bafike kuleli bezozizwela umuzwa walo mculo la uqalwe khona.”
UMayweather uzobe ekuleli njengengxenye yohambo lwakhe lwamazwe ehlukene e-Afrika.
FUNDA NALA: Kuvuka upelepele ogqokweni iBafana iqhathwa neNigeria
Kuzobe kungekhona ke okokuqa.uMayweather, ongusozigidi, efika kuleli. Wake wafika eminyakeni ecela eshumini edlule eyisivakashi sikaFikile Mbalula esengungqongqoshe wezeMidlalo.