URonaldo uhlaze uPitso bemnenebula ngembudlu yamagoli
Kukhonye uCristiano Ronaldo, ezenzela ngesikhathi eshaya amagoli amathathu esiwombeni sokuqala ukusiza i-Al Nassr ibhubhudle i-Abha FC kaPitso Mosimane ngo 8-0 ngoLwesibili ebusuku.
Lo mphumela ushiye ezikaMosimane zisagaxele ezembeni njengoba zisendaweni ka-17 kwilogi yeSaudi Pro League enamaqembu angu-18.
URonaldo uvule inkundla nge-free-kick emangazayo ngomzuzu ka-10. Ukuphindile lokho ngomzuzu ka-21, kwaba ngu-2-0.
Kube sekungenelela noSadio Mane eshaya elesithathu ngemuva kwemizuzu engu-33.
Kodwa uRonaldo ubengakaqedi, uqedele i-hat-trick yakhe ngomzuzu wama-42.
Ube esephakela no-Abdulmajeed Al-Sulaiheem ukuba naye abhalise elakhe igama kwabashaya amagoli ngokumphasela elihle ibhola.
Njengoba bese kucacile ukuthi vele bazigwazela ibhece, umqeqeshi we-Al Nassr uLuis Castro ukhethe ukukhipha uRonaldo noMane. Nokho, amagoli liqhubekile.
U-Abdulrahman Ghareeb ushaye igoli lesithupha ngomzuzu ka-51, walandelwa ngu-Abdulaziz Al-Aliwa ngomzuzu wama-63.
U-Al-Aliwa ube esephinda ebuya futhi ngomzuzu ka-86 eshaya elenze kwaba ngu 8-0.
Bekungokokuqala selokhu aqala ukuqeqesha uMosimane ethola isibhaxu esikhulu kangaka.
Emidlalweni engu-26, i-Abha inamaphuzu angu-22 kodwa isangakwazi ukulivika izembe uma ingavuka izithintithe bese iqoqa amaphuzu emidlalweni elandelayo.
UPitso walandwa yileli qembu ngoba lifuna azolitakula ezembeni kulandela ukwenza kwakhe kahle kwi-Al-Ahli Saudi ngesizini edlule.
FUNDA NALA: Bembuleka izinqe manje abaqeqeshi beChiefs – Mendu
Leli qembu alikhuphulela esigabeni esiphezulu – i-Al-Ahli Saudi – labe selimgabha kanti kumanje lisendaweni yesithathu kwilogi.