EzakamuvaIbhola

UGabadinho Mhango uzimbela igodi ngalento yakhe – Mpondo

Alfred Ngubane

UPeter Mpondo, oyiphini lomqeqeshi kwiBlack Leopards,  uthi uGabadinho Mhango uzihlulekele yena ukuziphatha ngendlela efanele, ngakho komele angasoli muntu uma kumbhimbela. 

UGabadinho Mhango ungomunye wabadlali okungacaci ngekusasa lakhe njengoba engase ekhonjwe indlela kuMaZulu FC. 

Ungomunye wabadlali asebezakhele igama elibi ngokuthanda ubumnandi kuze kweqe, bagcine bekhohliwe wukuthi kwalolu dumo abanalo baluthole ngebhola. 

Usedlale emaqenjini amaningi kuleli kanti njengoba neminyaka seyiqala ukutsheka nje uneminyaka engu-30 manje – kumele ngabe usethola iqembu azozinza kulo. 

Kodwa ngenxa yokuhluleka wukuziphatha, ubonakala esazoqhubeka nokuntanta okuyinto ezokwenza engaqasheki ukwenza omunye umsebenzi uma eseyeka ukudlala.

Ngalokho, kumele azinuke yena amakhwapha, ngokusho kukaPeter Mpondo naye odabuka eMalawi njengoMhango.

“Ulitholile ithuba lokudlala kuleli futhi emaqenjini amakhulu kodwa uxoshwa ngenxa yendlela embi yokuziphatha,” kusho uPeter Mpondo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uGabadinho Mhango wafika kwi-Orlando Pirates wadlala ibhola elihle kodwa wagcina ngokuthi ahluleke  ukuziphatha. 

Ube esekhonjwa indlela kodwa AmaZulu amamukela kodwa nakhona uqhubeke lapho ayegcine khona njengoba ubehlala ethengela abangani bakhe utshwala koMyville.

Ugcine esedliwa yibhentshi njengoba ubeseshaya udaka uma efakiwe esikimini. 

UPeter Mpondo uveze ukuthi akuqali ngoMhango ukuthi angaziphathi kahle kubadlali abaqhamuka eMalawi okuyinto athi izogcina ibakhela igama elibi kuleli. 

Uthi nangezikhathi zabo uStanley “Screamer” Tshabalala esacija iMamelodi Sundowns wayekhala ngabadlali baseMalawi ethi bathanda ubumnandi ngokwedlulele. 

“Wayehlala ekhala ngokuthi bathanda ukuhamba ubusuku. Wayekhuluma ngabadlali abafana noChance Gondwe owadla imali  nosisi bendawo, wagcina ngokuthi ahlaleemkhukhwini engasaphathekile kahle nasempilweni.

FUNDA NALA: Sizovakasha e-Alex isihlabani samankomane uFloyd Mayweather

“Laba bamanje abafana noGabadinho Mhango kumele ngabe bafunda kulokho ukuze babe nekusasa elingcono uma sebeyeke ukudlala.”