EzakamuvaIbhola

IChiefs ingase ingene komunye umbango ngomdlali emsayinile

Njabulo Shezi

Kufufusa omunye umbango ngomdlali osayinwe yiKaizer Chiefs njengoba iqembu abedlala kulo selihlela ukuyofaka icala kwiPremier Soccer League (PSL). 

IChiefs yethule abadlali abayisikhombisa ebasayinile njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali abasha ukuqinisa iqembu. 

Kulaba badlali kuvele kunoRanga Chivaviro ongumgadli ebangisana ngaye neRichards Bay ethi nayo yamsayina. 

Nokho njengoba sike sabinga ngevili elidlule, udaba lwakhe seluxoxwa ngosihlalo bamaqembu oKaizer Motaung noSifiso “Jomo” Biyela ukulusombulula. 

Kodwa manje sekuvela elinye icala njengoba kuthiwa iRoyal AM ayeneme ngendlela iChiefs esayine ngayo uTebogo Potsane. 

Ngokuthola kweMpempe, iRoyal AM ithi inkontileka yayo noPostane beyingakapheli ngoba beyinombandela wokwengeza unyaka. 

Manje isola ukuthi uPotsane uyeqelile, akangayinika isikhathi sokuthi iyivuselele njengoba esevumbuka eNaturena esesayine kwiChiefs. 

Kwenzeka lokhu nje iRoyal AM ibhekene nesigwebo esibi seFifa sokumiswa ekusayineni abadlali kuze kube ikhokha imali eyikweleta uSamir Nurkovic. 

FUNDA NALA: Sizovakasha e-Alex isihlabani samankomane uFloyd Mayweather

Nokho okwamanje lesi sigwebo sisahoxisiwe yinkanntolo yamacala ezemidlalo iCourt of Arbitration for Sport (Cas) ngasekupheleni kweviki.