EzakamuvaIbhola

Uwele kwiMilford owokuqhuba ‘isiko leChiefs’ kwiNedbank Cup 

I-Milford FC, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, iyona ezobhekana neKaizer Chiefs emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup.

Manje njengoba iChiefs inomlando ongemuhle uma ibhekene namaqembu adlala ezigabeni eziphansi kulo mqhudelwano, amehlo azobheka kwi-Milford. 

Sekukaningi iChiefs iphoxeka iibhekene namaqembu ‘amancane’ kwiNedabank Cup.

Kodwa okukhumbuleka kakhulu okavango-2019 la eyashaywa khona kowamanqamu yiTS Galaxy isadlala kwiChampionship. 

Ngokwamazinga alamaqembu, iChiefs ixegiselekile kulokhu kuqhathwa kwamaqembu azodlala lo mqhudelwano ngoLwesine kusihlwa.

Amanye amaqembu amakhulu ebholeni lakuleli – i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns athole indlela elula edlulela phambili. 

Ompetha abazobe bevikela le ndebe, i-Orlando Pirates izowuqala eMpumalanga umkhankaso wayo wokubuyisa le ndebe.

Nokho alikaziwa ke iqembu ezobe iyodlala nalo njengoba kungakaqinisekiswa ukuthi yiliphi iqembu elizomela lesi sifundazwe.

Leli qembu yilo elizomela izigaba zeSafa kulesi sifundazwe kanti kusolakala ukuthi kusenombango oqhubekayo.

Uzoshuba kakhulu ke manje kwazise wonke amaqembu abangayo azofuna ukuthi athole ithuba lokubhekana nePirates.

KwaZulu-Natal kukhona elilodwa elidlala kwiPremiership elizosheshe liwashe ijezi njengoba AmaZulu FC eqhathwe neRoyal AM.

Ime kanje isiyonke imidlalo yomzuliswano wokuqala kwiNedbank:

  • NB La Masia v Mamelodi Sundowns
  • Golden Arrows v TS Galaxy
  • JDR Stars v Hungry Lions
  • SuperSport United v Cape Town City
  • University of Pretoria v Cape Town Spurs 
  • Maritzburg United v Paarl United 
  • Safa MP v Orlando Pirates
  • Stellenbosch FC v Pretoria Callies
  • Highlands Park v Sekhukhune United
  • AmaZulu FC v Royal AM
  • NC Professional v Chippa United
  • Platinum City Rovers v Moroka Swallows
  • Richards Bay FC v Polokwane City
  • FC Ravens v Spain FC
  • D’General v Madridstas
  • Kaizer Chiefs v Milford FC