IPirates isilidubile ‘iqili’ eliwuTerrence Dzvukamanja
Njabulo Shezi
Ngeke asabonakala egqoke imibala ye-Orlando Pirates uTerrence Dzvukamanja njengoba leli qembu laseSoweto selivele lamkhomba isango.
Okumangazayo wukuthi uTerrence Dzvukamanja uqede isizini engomunye wabadlali abasefomini kwiPirates.
Ngaphezu kwalokho umqeqeshi uJose Riveiro ubekhombisa ukumethemba kakhulu njengoba emdlalise abalandeli bengamuzwa baze bagcina sebemthanda.
Ukuhamba kwakhe ke nokho akubanga kuhle njengoba eshaye ezikachakide ukuze leli qembu limkhulule njengoba eseya kwiSuperSport United nje.
“UTerrence Dzvukamanja ukhulume neqembu ecela ukuthi akhululwe ayodlala eZimbabwe ukuze abe seduze nasekhaya ukuze alungise izinkinga zomndeni.
“Ngemuva kokucatshangelwa, iqembu lithembise ukuqhubeka nokumholela ebe ehleli ekhaya elungisa izinkinga zakhe,” isho kanje iPirates ngoMsombuluko.
“Kungenye yezinseko zeqembu ukuzwelana nabadlali balo uma bebhekene nezinkinga ezithile.
“Njengengxenye yokuzibophezela kweqembu kwinhlalakahle yabadlali, i-Orlando Pirates yenza umzamo, lapho kungenzeka khona, ukuthi ihlangabezane nezicelo zabadlali ezimeni ezibasizayo phakathi kokunye, ukuphila kahle kwengqondo yabo.
“Ngakho-ke iqembu limangazwe yisicelo seSuperSport United sokudayiselwa lo mdlali njengoba besinezinhlelo zokumfaka eqenjini elizodlala kwiCaf Champions League.
“Ngenxa yalokhu kwakamuva, iqembu liyamdedela uDzvukamanja ukuba aye kwiSuperSport United.”
Akungabazeki ukuthi ukuhamba, ikakhulukazi ngale ndlela, kukaTerrence Dzvukamanja kuzoziphazamisa izinhlelo zikaRiveiro.
Kodwa ke njengoba ebevele engekho njengoba iqembu lisekhempini eSpain la lilungiselela khona isizini, cishe usevele unalo icebo azolisebenzisa elingamfaki lo mgadli.
Nguye lo mgadli owashaya igoli elinqobise iPirates isicoco seNedbank Cup ekupheleni kwesizini edlule, wazifaka ezinhliziyweni zabalandeli.
FUNDA NALA: UKodwa uzongenelela kweyamabhonasi abeBanyana Banyana
Kodwa ngaphambi kwalokho, wabhekana nolaka olubi lwabalandeli ababemhhahhameza, bemthuka nokungenzeka kwamlimaza emqondweni, wakhetha ukushiya.