Ukushona kuka-Adams kuphazamise amalungiselelo esizini entsha eDowns
SIHLE NGUBO
Kuphazamiseke izinhlelo zeMamelodi Sundowns zokulungiselela isizini entsha ngesikhathi kudlula emhlabeni umdlali waleli qembu, uJayden Adams.
Sikhulu isililo kubalandeli bebhola baseNingizimu Afrika kulandelana ukushona kwalo mdlali eneminyaka engu-25 ngoMgqibelo.
Okwamanje kusavele ukuthi u-Adams, obekwiNdebe yoMhlaba neBafana Bafana, uzikhungile kodwa amaphoyisa asaqhubeka nophenyo lwawo.
Abafana Ba’Style bekumele balibangise e-Austria ngoMgqibelo, lapho beyolungiselela isizini entsha ka-2026/2027.
“Ngenxa yalesi simo iqembu alibange lisaluthatha uhambo oluya e-Austria izolo (ngoMgqibelo),” kusho isitatimende seDowns.
“Njengamanje amalungiselelo esizini awamisiwe unomphelo kodwa uhambo luhlehlisiwe.”
Bekungakacaci ukuthi uzofihlwa nini u-Adams kodwa kusobala ukuthi iSundowns izolinda umngcwabo wakhe, ngaphambi kokulibhekisa e-Austria.
U-Adams ugcine ukudlalela iSundowns ngesikhathi inqoba indebe yeCAF Champions League, ishaya ASFAR ngo 2-1 emilenzeni emibili kowamanqamu.
Imidlalo emithathu yamaqoqo yeNdebe yoMhlaba, uyidlale yonke egqoke ijezi leBafana Bafana.
Amaqembu amakhulu ebhola aseNingizimu Afrika asejwayele ukuya kwamanye amazwe ukuyolungiselela isizini entsha.
IKaizer Chiefs iseSpain kanti ngeSonto idlale umdlalo wayo wokuqala wokungcweka neRangers FC, yaseScotland, ophele ngo 1-1.
I-Orlando Pirates nayo ihambe ngoMgqibelo ukuyokhempa eSpain lapho izodlala imidlalo yokulungisela isizini entsha.
Imidlalo yeBetway Premiership iyaqala ngo-Agasti 1, okuchaza ukuthi isikhathi sesidliwe yinja.
ISundowns izovula imidlalo yeBetway Premiership ngokubhekana neMarumo Gallants, eLoftus Stadium.
I-Pirates izoqala umshikashika wokuvikela isicoco seBetway Premiership ngokutholana phezulu nomakoti iMilford FC, e-Orlando Amstel Arena.
IChiefs nayo izobhekana neqembu elifikayo kwiBetway Premiership, iKruger United eMbombela Stadium.

