UMaria Mutola unxenxa ukwesekwa kukaCaster Semenya ‘ocindezelwayo’
Alfred Ngubane
UMaria Mutola, owaduma kakhulu emhlabeni ngokuba ngumsubathi onqobe i800m ne400m amahlandla amane kwiCommonwealth Games, Olympics Games nakwiContinental Africa, useveze umbono wakhe ngodaba lukaCaster Semenya.
Unxenxa abadlali abamnyama bemikhakha yonke yezemidlalo ukuthi bahlangene balwisane nokucindezelwa kukaCaster Semenya ongumsubathi wamabanga aphakathi nendawo.
“Ngineqinisekiso ukuthi umengameli weWorld Athletics uSebastian Coe akamfuni nalapho ehambe khona uCaster Semenya.
“Lokhu kungenxa yokuthi ubenqoba imijaho ngokulandelana kusukela ngo-2009,” kusho uMaria Mutola.
“Babe sebekhanda itulo lokuthi bamgwebe ngendalo adalwe nguMdali eyiyona. Kumanje uCaster Semenya ulimele ngokomqondo ngenxa yaleli cala abeligqigqa iminyakanyaka.
“Ngicabanga ukuthi abantu abamnyama kuzomele bakusukumele ukuboshewa ephila kukaCaster Semenya ngoba uSebastian Coe unguntamolukhuni.
“I-Afrika yonkana mayihlangane ilwele uCaster Semenya. Ngabona ukuthi Ningizimu Afrika ayisukumanga nhlobo ngokwanele.
FUNDA NALA: IChiefs ingase ingene komunye umbango ngomdlali emsayinile
“Uhulumeni wadidizela nabaphathi bezemidlalo bagcina ngokuhlehla,” kuchaza uMaria Matola ongowokuzalwa eMozambique.