EzakamuvaIbhola lombhoxo

ISharks izoshiywa ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi

SIHLE NGUBO

I-Hollywoodbets Sharks isiqinisekise ukuthi izoshiywa umdlali oyisithandwa sabalandeli ekupheleni kwesizini, uSiyamthanda Kolisi.

Lo mdlali ongukaputeni wamaBhokobhoko, ohlonishwa umhlaba wonke ngobuholi bakhe, uzophindela kwiDHL Stormers.

Kuvela ukuthi uKolisi uthathe isinqumo sokubuyela eKapa ukuze abe seduze nezingane zakhe nomndeni wakhe, abazinze kuleli dolobha.

Ngokusho kweSharks, isinqumo sithathwe ngokuvuleleka, ubuqiniso nokuhloniphana, phakathi kweqembu nomdlali.

Isikhulu esiphezulu seSharks, uShaun Bryans, sincome uKolisi ngakwenzele iqembu, sabe sesigcizelela ukubaluleka kokuqhubekela phambili nokukhula kweqembu.

“Okwenziwa uSiya eqenjini kungaphezulu kakhulu kwalokho okubonakala emdlalweni,” kusho uBryans.

“Ufike nezinga lobuholi, ukuzehlisa nakho konke okuphakamise bonke abasondelene naye.

“Yize kungelula ukuvalelisa kumdlali onjengaye kodwa siyasihlonipha isinqumo sakhe sokubeka umndeni phambili.

“Okubalulekile kakhulu ukuthi uSiya usesize ukubeka izinga eliyohlale likhona noma engasekho, okwenza ukuthi kube nethuba lokuthi livulele abanye indlela.”

UBryans uthe ukushiya kukaKolisi kuvula ithuba kubadlali abasebancane ukuthi bazibambe ngazo zombili.

“Sinabadlali abanekhono abasebancane eqenjini lethu, abakulungele ukuthatha igxathu elilandelayo,” kusho uBryans.

“Abadlali abafana noNick Hatton, uMatt Romain nabanye, bafunde komunye wabahamba futhi lokhu kubanika ithuba lokukhula, ukuhola nokusiza ukucaca indlela eya phambili yeqembu.”

UKolisi uphawulile ngesikhathi sakhe kwiSharks, athi uyaziqhenya kakhulu ngaso.

“ISharks seyibe yingxenye ebaluleke kakhulu yohambo lwami,” kusho uKolisi.

“Kusukela kubadlali nabaqeqeshi kuya kubasebenzi nabalandeli, leli yiqembu elakheke kahle futhi eliqhambisa ukuba umndeni.

“Ngikujabulele kakhulu ukuba yingxenye yaleli qoqo, ikakhulukazi ukubona abadlali abasebancane bekhula bethola nokuzethemba.

“Yize benginethemba lokugugela kwiSharks kumele ngibe khona emndenini wami, ongakwazanga ukuza nami eThekwini.

“Lesi sinqumo besingelula kodwa kumayelana nokusondelana nezingane zami.

“Ngishiya lapha nginenhlonipho enkulu yeSharks nenkolelo yalapho iqembu libheke khona.”

UKolisi uzobe eyingxenye yeqembu uma selitholana phezulu neLions, emdlalweni weVodacom United Rugby Championship, eKings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.