IbholaIngosi

KUPHELILE UKUQINA: IRoyal AM iThwihliza iThwahlaze isithunzi sePSL 

SIHLE NGUBO 

UShauwn “MaMkhize” Mkhize wafika egugusheka neRoyal AM kwiPremiership, egcwele ukuqina, ukuzenza inkinsela yaseMgungundlovu, evela kwiMotsepe Foundation Championship.

Ngemuva kokwehluleka ukunqoba iChampionship ‘ngenkani’ uMaMkhize wafuna ukukhombisa abantu ukuthi yena unemali futhi uzodlala kwiPremiership, bethanda bangathandi.

Into kaMaMkhize yayinezinkinga nje kwasekuqaleni, kuhanjwa izinkantolo kubangwa ukuba ompetha beChampionship neSekhukhune United, ngasekupheleni kwesizini ka-2020/2021.

Ngenxa yeqembu likaMaMkhize imidlalo yokuhlunga yaphenduka ihlaya, iqembu lakhe lingayidlali njengeliphume isibili kwiChampionship. Angithi wayefuna ukuba umpetha walesi sigaba ngenkani.

Kwathi uma kudlula sonke leso siphithiphithi, kwase kuvela ukuthi uMaMkhize uzothenga iBloemfontein Celtic, eyayinenkinga yemali ngaleso sikhathi.

KwabaseBloemfontein kwakuwusuku olumnyama suce ngesikhathi kuqinisekiswa lokhu, kanti kwaba nenhlokomo nokubhiyoza KwaZulu-Natal ngokwanda kwamaqembu ebhola lePremiership esifundazweni.

Yafika kanjalo ke iRoyal Andile Mpisane FC kwiPremiership, okwakusho ukuqala kwezinkinga zePremier Soccer League (PSL), ezazingakabonakali njengekati elimhlophe ehlungwini ngaleso sikhathi.

Iqiniso nokho ukuthi iThwihli Thwahla yayinuka izinkinga nje ingakabalwa namaqembu ePremiership. Ukhona owayezonaka lokho kodwa ngoba ‘uShauwn Mkhize ungowesifazane onemali okungamele afelwe umona amadoda ebholeni laseNingizimu Afrika’?

Yafikake inkosazane yakwaMkhize, yangena yaqholosha kwabukwa yona kwiPremiership. Ihamba ngeziphambili izimoto lezi bese igadwe ngezinhlokohlela zezibhamu, wena owabona umengameli wezwe lapho kukhala khona inganono nsuku zonke.

Ngake ngezwa nokuthi ijezi leRoyal AM alithengwa eNingizimu Afrika kodwa lilandwa le emazweni ngemali eshisiwe. Angithi phela kwaThwihli Thwahla kwakumele bahluke, bangafani namanye amaqembu aphethwe izichaka ezingenamali.

Wathi uma esefuna ukugcwalisela wonke umuntu uMaMkhize, wavele wapha abadlali imali ngesandla kubuka wonke umuntu eNingizimu Afrika.

Kwasuka inkulumo mpikiswano, abanye bethi ‘imali yakhe angenza akuthandayo’. Kodwa basho abanye ukuthi lokhu kunobuhlathi futhi busidicilela phansi isithunzi sePSL, nesabadlali laba ayebanika imali ngezimvilophu kubuka wonke umuntu.

Ekugcineni kwakuvela libe linye igama, libhekiswe kulabo ababekhuza lo mhlolo nokubukisa. Umona. Kwakuthiwa bagcwele umgolo ngoba nakhu uMaMkhize enemali futhi engowesifazane ophumelele.

Saveneneza ke isikhathi ngoba sadalelwa lokho – ukuveneneza. Kwaqale kwavela ukuthi kukhona abadlali abakweletwa yiRoyal AM imali yabo. Ngaleso sikhathi kwavela igama likaNascimento owayegijima kwiMamelodi Sundowns.

Saphinda isikhathi sathi venene njengokwendalo yaso. Kwavela ukuthi uSamir Nurkovic, owake wayibamba kwiKaizer Chiefs, ukweletwa izizumbulu zezigidi yiThwihli Thwahla.

Kanjani manje? Iqembu eliyikha ngamahalavu imali! Bekuyini ukukhokhela abadlali imali yabo bese baqhubeke nempilo kwiThwihli Thwahla ngoba phela khona bayiziqumama?

Ngoba isikhathi sadalelwa ukuveneneza, saphinda sawushaya lowo mvenenezo. Nakho phela sekuthiwa uMaMkhize ukweleta ‘indoda’ engasineki noma ingadlalelwa ifilimu kaMr Bean – iSARS.

Engaka inkanankana, elinganiselwa ku-R35 million! Kwashaqwa izimoto ezibizayo emzini kaMaMkhize kwase kucaca ukuthi cha, inkathazo iphelele futhi ingaphezulu kakhulu kwekaVelaphi Mjongeni.

Sikhuluma nje iPSL itshabaza ngenkani phezu kwenyakanyaka yehlazo, ngenxa yeRoyal AM. Umdlalo ebizowudlala neChippa United ngoMgqibelo uhlehlisiwe ngoba kuthiwa abadlali abaholanga ngoDisemba, ngakho abalubhadi ejimini. Iqembu seliphethwe umqoqi (curator) weSARS.

Ekuqaleni kwesizini iqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge limisiwe kulandela ukungayidlali imidlalo eyisithupha yokuqala yesizini. Indaba yokungaholi kwabadlali seyike yezwakala naseqenjini labesifazane leRoyal AM, okungaziwa noma lisekhona yini.

Iphi imali? Kuphi ukubukisa? Sekubuhlungu manje, sekungathi uMaMkhize neRoyal AM bafakwe kwiPremiership bangatshelwa ukuthi kukwamgodoyi laphaya, uma uza ngobuso uzosha.

Kubukeka kuphelile ukuqina nokuzenza inkinsela edlula wonke umuntu kwiPremiership. I-SARS iyifuna la imali yayo, abadlali nabo badinga ukuholelwa.

Lonke leli hlazo afake kulona iPSL uMaMkhize, waphinde wazifaka kulona yena, ubengaligwema ukube ufike wenza izinto ngenhlonipho, wangafuna ukugqama nokuqina kungenasidingo. Uzenzile uKhizo. Shwiii!