OwoSuthu ukhale ‘ngobuqola’ bePirates imenze njalo
Usole i-Orlando Pirates ngokungabi nobuntu umqeqeshi waMaZulu, uPablo Franco kulandela ukuthi imphinde ngenduku – kulokhu imshaye ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership.
Kube yigoli likaTshegofatso Mabasa elisize iPirates iqoqe amaphuzu aphelele kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Bese kungokwesibili kulandelana iPirates ivulela induku kuMaZulu, waphinde wasala ekhihla esikaNandi uFranco.
“Ngeke ngicasuke namuhla, ngizozihlekela ngoba vele yindaba yansukuzonke lena,” kusho uFranco.
“Kubuhlungu ukudlala nalamaqembu amakhulu ezimweni ezinjena. Ukubabona nanamuhla bejabula sengathi banqobe iNdebe yoMhlaba…
“Bebemosha isikhathi. Negoli balishaye sebedlala nathi sinabadlali abayisishiyagalolunye enkundleni (ngoba besinomdlali olimele).
“Abakwazanga ukwenza ubuntu ngoba uma kukhona umdlali olele phansi awukwazi ukuyohlasela.
“Kodwa lokhu kwenzeka nasemdlalweni wendebe. Sakhipha ibhola ngaphandle ngoba omunye wabadlali wabo wayelimele.
“Bona balisusa basicindezela kusuka lapho. Kodw avele kuyenzeka lokho,” kusho uFranco.
Izigemegeme zisheshe zaqala kulo mdlalo, kwacaca ukuthi vele kunegqubu elikhona phakathi kwalamaqembu.
Umdlali wasemuva woSuthu, u-Abubaker Mobara ukhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-21 kulandela ukudlalisa kabi uPatrick Maswanganyi.
Nokho ikhadi libe ngelokulwisa unompempe ngemuva kokuthi emhlawulisile.
Kuthe noma ozakwabo bezama ukumkhuza ukuthi ngeke sisashintsha isinqumo, waqhubeka nokulwa.
Lokhu kwenze kwacaca ukuthi Usuthu selizothwala uthayela kunomoya kulo mdlalo.
Nokho luzamile ukulwa futhi kuke kwangathi lingaphuma nephuzu. Kodwa uTshegofatso Mabasa unqume ukuthi amaphuzu asale ekhaya.
Ushaye igoli ngomzuzu ka-75 kulandela ukubekelwa uMonnapule Saleng elihle ibhola engaphakathi ebhokisini loSuthu.
FUNDA NALA: Akuhambanga kahle kwezikaPercy Tau kwiChamps League
Lo mpjhumela uthathe iPirates wayibeka endaweni yesibili kwilogi, okuyinto vele esiyifuna ukuze iyodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

