‘Kusobala okumele sikwenze,’ kusho uNcikazi weBucs
Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi ushaye ngamafuphi ngomdlalo wabo weCaf Champions League.
Lo mdlalo ungoLwesihlanu ngo-7.30 kusihlwa e-Orlando Stadium. IPirates izogadulisana neJwaneng Galaxy yaseBotswana kulo mdlalo.
Sekungowomlenze wesibili esigabeni sokuhlungela ukungena kwesamaqoqo kanti iPirates ilandela ngemuva ngo 1-0.
Lokhu kungenxa yokuthi yatabalasa yaze yadela ekuhambeni eBotswana, yagcina ilugobile uphondo.
Manje sekumele iyishaye ngamagoli amabili kuya phezulu iJwaneng ukuze ikwazi ukudlulela phambiili.
Uma umdlalo uphela zibambene, kuzodlula iJwaneng. Uma uphela kuwine iPirates ngo 1-0, kuzoshaywa amaphenathi.
Kodwa ke uNcikazi uzwakale engakhathazekile kakhulu njengoba ekholwa wukuthi abadlali bayakwazi okumele bakwenze.
“Izinto ezilindeleke kithi kulo mdlalo zisobala. Sonke siyazazi, abadlali bayazazi. Siyakwazi okumele kwenzeke,” kusho uNcikazi.
“Umdlalo siwubuka ngeso lokuzethemba uma sibheka indlela esizilungiselele ngayo. Siyakwazi esizokuthola kulaba bafana.”
IPirates ibophele iqembu layo eliqinile nokuyilo ebidla ngalo abantu kuqala isizini njengoba sekubuye noNdabayithethwa Ndlondo oke wamiswa.
Epalini kukhona uSipho Chaine. Emuva ibophele uThabiso Monyane, Paseka Mako, Tapelo Xoki noNkosinathi Sibisi.
Esiswini khona kukhona uThabang Monare, uPatrick Maswanganyi noNdlondlo. Phambili ihlasela ngoDeon Hotto noZakhele Lepasa.
FUNDA NALA: Sebenezesheli abakhululwe yiDowns, uMakgalwa ukhonjwa e-UAE
Ebhentshini kukhona uRichard Ofori, Olisa Ndah, Monnapule Saleng, Relebohile Mofokeng, Bandile Shandu, Karim Kimvuidi, Lesedi Kapinga, Miguel Timm, Evidence Makgopa noKermit Erasmus.