EzakamuvaIbhola

‘Asifuni ukuphinde sikhale,’ kusho uJose Riveiro wePirates

Uvele wathi yena akasazi nakuthi yimiphi imiphumela okukhulunywa ngayo umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uma ebuzwa ngokudonsa kanzima kwezakhe muva nje. 

Lo mbuzo uqhamuke esithangamini nabezindaba njengoba leli qembu lilungiselela umdlalo wamanqamu kwiMTN8. 

IPirates izogadulisana neMamelodi Sundowns kusiphuke izidindi eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kusihlwa. 

EzikaJose Riveiro sezihluleke emidlalweni emine kulandelana ukunqoba kanti zibheke ukujika izinto ngoMgqibelo. 

“Njengamanje angazi nokuthi yimiphi le miphumela okhuluma ngayo. Mina sengigxile ngokugcwele kowamanqamu,” kusho uJose Riveiro ngoLwesibili. 

“Angiyena umuntu ojwayele ukwenza ihaba. Kodwa osekwenzakele kwenzakele, futhi akukho esisangakwenza ngakho.

“Osekumele sikwenze manje ukwenza okusemandleni ethu ukuzilungiselela ngendlela efanele, sidlale ngendlela esizilungiselele ngayo ukuze sizophinda sibe ngompetha. 

“Futhi ke yilapho esigxile khona njengamanje. Asifuni ukuzithola sesikhala futhi. Leli yithuba elihle kakhulu kithi.”

IPirates ivele seyike yadlala neSundowns kule sizini, yaphuma idangele ezikaRulani Mokwena sezivulele isibhaxu emdlalweni weligi.

Kodwa uJose Riveiro uthi baphuma kulowo mdlalo beyiqembu elingcono, futhi nakulokhu bayazi ngeke kube lula.

“Ngicabanga ukuthi womabili amaqembu aseyazana kahle kakhulu manje. Siyahloniphana futhi lokho kusho ukuthi sizinika isikhathi ukuhlaziyana kahle…

“Siyazama ukwazana ukuthi yini omunye nomunye akwenzayo nokungumehluko.  

“Sigcina ukudlala bekukuncane okusihlukanisile. Nakulomdlalo ozayo kuzoba njalo. 

“Kumnandi ukudlala neSundowns ngoba ikuniza izinselelo eziningi enkundleni njengoba nathi sibanika nje. 

“Njalo uma siphuma kulo mdlalo, womabili amaqembu aphuma engcono kunangaphambi komdlalo.” 

IPirates yiyo eyawashisa iSundowns ijezi kulo mqhudelwano nangesizini edlule sigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

FUNDA NALA: Ubondla ekhaya ngemali yasemabhuqwini uCele weRoyal AM

Yahamba yaze yawunqoba yaba ngompetha njengoba kuyiyo evikelayo manje. Yanqoba neNedbank Cup ngesizini edlule.