UMabizela useneminjunju ‘ngokubhalwa kabi’ ngabezindaba
ALFRED NGUBANE
UMbulelo Mabizela usasele nesilonda enhlizweni yakhe ngenxa yokubhalwa kabi ngabezindaba, bengazange bake bahlale naye phansi bezwe uvo lwakhe.
Le nkakha ingomunye wabadlali ababanegama elibi ebholeni lakuleli ngenxa yokuhluleka kwakhe wukuziphatha ngendlela elindelwe kubadlali basezingeni elikhokhelayo.
Impempe isanda kubika ukuthi uMabizela usephinde wanyamalala kuMaZulu FC la asebenza khona enkulisa yeqembu.
Uqashwe ukuba ngumqeqeshi wabafana abaneminyaka engaphansi kuka-15 ngesizini edlule.
Ubengekho emidlalweni yakamuva yaleli qembu, kanti sathola ngemithombo yethu ukuthi akaziwa ukuziphi izinkalo.
Kodwa usekucacisile lokhu, wathi abaphathi babemazi ukuthi ukuphi yikho nje ukuthi mhlawumbe kukhona ababengazi, babe sebekhipha ulwazi olungeyilo.
Ube esesilandisa ngosizi lwakhe, esola umona kwabezindaba kusukela kudala njengoba asheshe waphumelela nje ebholeni.
“Angiwaphiki amaphutha ami, kodwa nendlela okwakubikwa ngayo ngami yayingangiphathi kahle futhi ngathi kwakukhona okungale,” kusho yena.
“Namanje lento isahlale ivuke kimi ukuthi engabe ngangoneni kabani njengoba ngangibhalwa kabi kanje, kusaqhubeka futhi namanje.
“Kuvele kuvuke ubuhlungu obudala uma ngibona lezi zinto ezinjengalezi”
Intatheli ibe seyimchazela ukuthi ngenxa yomlando wakhe ongemuhle, kuba lula ukukholwa abantu abathi ‘usephindele ezindleleni zakhe zakudala’.
Ukuvumile naye ukuthi uyazi amaphutha akhe asamlandela, futhi kungenzeka amlandele unomphelo.
UMabizela uyavuma ukuthi ukungaziphathi kahle ngaphandle kwenkundla kwadala ukuthi alahlekelwe ngumsebenzi kwiTottenham Hotspur yase-England nakwamanye amaqembu.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi naye uMabizela ubebuye aziphakamise uma kumele akhulume nezindaba.
Esikhundleni sokuthi asebenzise ithuba ukuziphendulela nokuveza uhlangothi lwakhe, ubenokuvele achize angafuni ukukhuluma.
Nangesikhathi efika kuMaZulu esengumdlali, kwathi uma izintatheli zifuna ukukhuluma naye, wathi azingene kwi-internet zizothola konke ezifisa ukukwazi ngaye.
FUNDA NALA: Kukhona okusina kujeqeza uSipho Mbule kwiSundowns
Nokho ke kukhona okuhle uMabizela akwenzile empilweni yakhe njengoba ubengumdlali osebenza ngokuzikhandla.
Uthembise ukuthi usazohlala kahle phansi nentatheli yeMpempe, aphendule yonke imibuzo ekhona ngaye.