EzakamuvaIbhola

UTyson Hlatshayo ukhala ngengozi abayigqenywe yiChiefs ngoDithlokwe

Njabulo Shezi

Umdlali wasemuva weSuperSport United, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, unethemba ngesizini ezayo nakuba elahlekelwe nguzakwabo uThatayaone “TT” Ditlhokwe osejoyine iKaizer Chiefs.

UThulani Hlatshwayo noDitlhokwe bakhe ubudlelwano obuqinile emuva ukusiza leli qembu elizinze eTshwane liqede endaweni yesithathu kulogi ngesizini edlule. 

Amatsatsantsa a Pitori azovula isizini entsha ngomdlalo wasekhaya neRichards Bay ePeter Mokaba Stadium ngo-Agasti 5. 

“Kuyinto ecacile ukuthi ukulahlekelwa u-TT yinto eshiya isikhala eqenjini,” kusho uThulani Hlatshwayo kuleli viki. 

“Umqeqeshi uyazama ukungidlalisa nabadlali abehlukene, okukhona kubo nomfana osemncane okuthiwa u-Ime Okon,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-33. 

“Ngicabanga ukuthi uzoba muhle kakhulu futhi ngicabanga ukuthi udlale kahle ngasekupheleni kwesizini edlule emidlalweni yeDiski Challenge. 

“Ngiphinde ngadlala imizuzu engu-65 emdlalweni wobungani noLuke Fleurs. Ngethemba ukuthi uma kuqala isizini, sizoba nokusebenzisana okuhle.

“Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sikaLuke manje futhi kumele akhuphule izinga ngoba ngesikhathi ngijoyina iqembu, bekudlala yena no-TT. 

“Kwake kwaba namahlebezi okuthi uLuke uya kwiChiefs kodwa bagcina behlwithe u-TT.

“Benginezingxoxo noLuke ngimtshela ukuthi ‘unalo ikhono lokuya kude ebholeni futhi sekuyisikhathi sokuthi ukhuphule izinga manje’. 

“Esiswini sinoGrant Magerman noSiphesihle Ndlovu okuyinto eyenza iqembu libhalanse kahle.”

Isipiliyoni sikakaputeni wakudala weBafana Bafana sizoba wukhiye eqenjini likaGavin Hunt njengoba bezodlala emiqhudelwaneni yakuleli nakwiCaf Confederation Cup.

“Siyazi ukuthi kuzoba nzima kodwa kuzoba yithuba lokuthola amava nakubadlali abancane esinabo njengoba umqeqeshi ebafakile nje ekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini ebiseThekwini.

“Benze kahle kakhulu futhi bakhombise ukuthi bafuna ukukhuphukela eqenjini elikhulu kodwa asazi noma sekwenziwe konke ngokubhaliswa kwabo eqenjini,,” kusho uThulani Hlatshwayo.

“Silahlekelwe yinqwaba yabadlali abadala eqenjini kodwa sengeze ngabanye abanamava abafana noPhathutshezdo Nange noTerrence Dzvukamanja. 

FUNDA NALA: UNtseki uchaza okwenze iKaizer Chiefs ayangakhempa phesheya

“Nokho ukuhamba siyodlalela imidlalo yasekhaya ePolokwane kuzosigqilaza kancane. Ngethemba ukuthi sizoba nesibalo esanele sabadlali ukumelana nakho.”