EzakamuvaIbhola

UChikoya ugxeka uTerrence Dzvukamanja ngokuxhaphaza iPirates

Njabulo Shezi

Owayengumdlali we-Orlando Pirates u-Innocent Chikoya ukhwele wadilika kuTerrence Dzvukamanja ‘ngokungakhombisi ukuba ngumdlali osezingeni elikhokhelayo’ ngendlela aashiye ngayo kuleli qembu. 

UTerrence Dzvukamanja uzojoyina iSuperSport United njengoba iPirates seyimkhululile nje yize imshabulelile, imsola ngobuqili. 

Lo mdlali kuthiwa watshela iPirates ukuthi unezinkinga ezimphoqa ukuthi abe sekhaya kubo eZimbabwe, wacela ukukhululwa ukuze athole ngakhona iqembu. 

IPirates yabe seyimzwela, yathi izomnika izikhathi sokuthi ayobhekana nalezi zinkinga kodwa izoqhubeka nokumholela. 

Kodwa kube sekuvumbuka iSuperSport izocela ukudedelelwa yena. IPirates ibe seyixakeka kodwa yavuma yize ikuvezile ukungenami kwayo. 

Manje uChikoya, naye odabuka eZimbabwe, usola uTerrence Dzvukamanja ngobuxoki ngendlela enze ngayo izinto. 

“Ngizwe kuthiwa umfana ubefuna ukuya eZimbabwe, yileso isizathu asibekile,” ucashunwe esho kanje uChikoya kwiKickOff. 

“Akazange enze izinto ngendlela efanele. Bekufanele akhombise ukuthembeka eqenjini.

“Ubengacela nje kahle athi, ‘ngicabanga ukuthi ngilisebenzelile iqembu, ngenze konke okusemandleni ami, kodwa ngibona sekuyisikhathi sokuthi ngidlulele phambili’. 

“Ngeke uthi uya ekhaya ube wazi ukuthi uya kwiSuperSport. Ngicabanga ukuthi bekufanele abe yindoda, asho nje ukuthi uya kwiSuperSport.” 

UTerrence Dzvukamanja uke wabhekana nolaka lwabalandeli kwiPirates ngasekuqaleni kwesizini edlule njengoba bebengamuzwa kahle. 

Kodwa ubavale imilomo, isizini yaphela engasaconsi phansi futhi lesi senzo sakhe sokuhamba ngale ndlela sibaphoxile. 

KwiSuperSport uzophinde ahlangane nozakwabo ayedlala nabo kwiBidVest Wits oThulani Hlatshwayo noPhathutshedzo Nange. 

FUNDA NALA: Isola iChiefs ngokudukisa abalandeli imenenja kaKhama Billiat

Uzobe esedlala ngaphansi kukaGavin Hunt okunguye owamlanda eZimbabwe wamletha kuleli ngesikhathi lo mqeqeshi esekwiWits.