EzakamuvaIbhola

UPortia Modise usola abagxeka iBanyana Banyana

Sihle Ngubo

Owayengumdlali weBanyana Banyana, uPortia Modise usekhwele wadilika kulabo abagxeka iqembu lesizwe labesifazane lakuleli. 

Kube nokugxekwa okukhulu kweqembu lesizwe ngemuva kokuthi lishaywe yiSweeden ngo 2-1 emdlalweni walo wokuqala weNdebe yoMhlaba ngeSonto ekuseni. 

IBanyana Banyana ike yahamba phambili ngo 1-0 kulo mdlalo kodwa yayilahla ekugcineni, idedela amagoli amabili.

Ekhuluma ezindabeni ze-eNCA, uPortia Modise uthe uyishayela ihlombe kakhulu ngendlela edlale ngayo iBanyana kulo mdlalo.

“Uma ubuka indlela eyesekwa ngayo iBafana Bafana kodwa ishaye udaka uzobona ukuthi ngikhuluma ngani. 

“Buka nje amaligi etheza kuwona iBafana bese uqhathanise nelutho yeBanyana Banyana,” kusho uModise.

“Asesekwa ngokuphelele thina kodwa sesiya emiqhudelwaneni emikhulu kodwa noma kunjalo siyacindezelawa. 

“Eyani le ngcindezi engaka sibe singesekwa njengeBafana? Ngibashayela ihlombe benze kahle kakhulu.”

Uma ubheka amanye amaqembu ase-Afrika akhona kwiNdebe yoMhlaba, iBanyana iyona yodwa esakwaze ukushaya igoli. 

Kukhale isibhaxu sika 4-0 kwiZambia ibhubhudlwa yiJapan, kwathi iMorocco yahlazwa yiGermany ngo 6-0.

UDesiree Ellis nezakhe bazothemba ukuthi bazokwenza kangcono uma sebebhekene ne-Argentina emdlalweni olandelayo. 

FUNDA NALA: UGavin Lane uncoma uRiveiro ngokubuyisa isiko lePirates

Iqembu lakuleli alikaze liwuwine umdlalo kwiNdebe yoMhlaba njengoba sekungokwesibili liba kulo mqhudelwano. Kulokhu iNdebe yoMhlaba iseNew Zealand nase-Australia.