EzakamuvaIbhola

Ukushenxiswa kukaMoriri kucacisa amandla kaRulani Mokwena kwiDowns

Sihle Ngubo

Kubukeka sengathi sikhala kakhulu kunakuqala manje isicathulo sikaRulani Mokwena kwiMamelodi Sundowns.

Lo mqeqeshi osemncane uyena ocija Abafana Ba-Style futhi kuyavela ukuthi abaphathi beqembu bamuzwa ngaphakathi. 

Ezivela eChloorkop zithi seligcwale umoya kuSurprise Moriri obecija iqembu leDStv Diski Challenge (DDC) leSundowns. 

Konke lokhu kucula kanje kwekwaya leSundowns, ngenothi elihlukile, kungumthelela wombhidisi walo uRulani Mokwena oshintsha izinto kuMasandawana.

Iqembu leDDC leSundowns sengathi lizobe liqeqeshwa uSinethemba Badela ngesizini ezoqala. 

UBadela ubengumqeqeshi weqembu ebeligijima kwiMotsepe Foundation Championship, i-All Stars FC, elisanda kudayiswa. 

Uke wathi xhinti kwiBlack  Poison FC okuyiqembu likaRulani Mokwena.

Muva nje kusanda kuhamba uSteve “Mphathi” Komphela osezocija iMoroka Swallows FC. 

UKomphela ubengomunye wabaqeqeshi beSundowns futhi kuke kwaputshuka ukuthi bese kukhona ukungahoshelani kahle phakathi kwakhe noRulani Mokwena.

ISundowns ikhiphe isitatimende imkhulula uKomphela ukuthi ayoqeqesha iZinyoni futhi yaveza ukuthi bahlukane kahle. 

Nokho abazazi zonke eChloorkop bathi umshado ubusumuncu sekushoda kona ukuthi kufakwe isehlukaniso. 

Kuyavela futhi noManqoba “TV” Mngqithi, uhleli nje kodwa akasathandisisi ukusebenza noMokwena.

Konke kuqale ukuba muncu ngesikhathi uMokwena enikwa isikhundla sokuba ngumqeqeshi omkhulu ngemuva kokuthi yena, uKomphela noMngqithi bebebambisene ekucijeni iqembu. 

Lokhu kubukeke kuzobaqhatha vele laba baqeqeshi ngoba uKomphela noMngqithi banamava aziwayo kunobhutshuzwayo futhi badala kunoMokwena.

UMokwena kuvela ukuthi uvele usefuna ukuba nethimba lakhe elisha labaqeqeshi ukuze abe namandla ngokuphelele. 

FUNDA NALA: ISafa iveza indlela ebheke ekubeni ngunompempe

Kuthiwa lokhu uzokwenza ngoba kwiSundowns into ayikhulumayo nayifunayo ayizitshwa, ithathwa injengoba injalo nje.