UWade Du Plessis ucebisa iKaizer Chiefs ngonozinti
Alfred Ngubane
Owayengunozinti wokuqina kwiKaizer Chiefs, uWade Du Plessis uthi leli qembu kumele liphume inqina liyofuna unozinti elizothembela kuye.
UDu Plessis ukhala ngokuthi konozinti abakhona njengamanje kwiKaizer Chiefs, akekho ongamelana nengcindezi yalo msebenzi.
“Kuzomele baphume inqina balifulathele leli baye kulamazwe angasenhla ne-Afrika bayocinga khona.
“Kumele bathole unozinti ozethembayo novimbela iqembu lesizwe ngakubo, ozokwazi ukumelana nale ngcindezi.
“Kuyadumaza ukubona iKaizer Chiefs ingenaye unozinti oyisethenjwa,” kuchaza le nkakha.
Unxenxe umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki ukuthi ayisukumele le ndaba ngoba iyona ezomqhatha nokuthi agcine kuthiwa akawazi umsebenzi wakhe.
“Ngicabanga ukuthi uMolefi Ntseki nabasizi bakhe kumele babone ukuthi iphalishi lizochitheka ngempela uma bebambelele kulabonozinti.”
UDu Plessis ubuye wayikhomba emuva kubaqeqeshi bonozinti, ethi cishe yibo asebehlulwa wumsebenzi.
Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ibuyise uRainer Dinkelacker ukuzothinisa ethimbeni elicija onozinti.
UDinkelacker nguye owacija inqwaba yonozinti abebegcina besezingeni kwiChiefs okubalwa kubo u-Itumeleng Khune.
Kodwa uke wahamba wabuyela kwelakubo eGermany. Ngemuva kwalokho kucacile ukuthi abamlandelayo uyabesinda lo msebenzi.
“Kusho ukuthi akasekho umuntu oqeqesha kahle onozinti kwiKaizer Chiefs. Leli qembu belingabasweli onozinti abancane abafike bagqame njengoba kugcine ngo-Itumeleng Khune.
“Kodwa nayo iKaizer Chiefs nje iyonke ayiqinile njengoba kukhona izindawo ezixegayo eqenjini.
“Ngeke bamelane neMamelodi Sundowns ngoba yona iqinile kuzo zonke izindawo eqenjini layo,” kusho lonozinti owavimba kwiChiefs naMaZulu FC.
FUNDA NALA: Maponyane: Nansi inkinga ngabagadli bakuleli
UDu Plessis njengamanje unenkulisa yakhe la epheka khona onozinti abancane eThekwini.