Uncategorized

OwePirates uveza icebo elibasebenzele ukuguqisa iChiefs 

SIHLE NGUBO 

Ubona lisebenzile icebo labo umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uMakhahleni Makhaula, kulandela ukushaya izimbangi iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo.

UMakhaula udlale kahle kakhulu waze wakhethwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo obudle ngokushuba, kwaze kwaba sekugcineni.

“Ngithanda ukubonga abaqeqeshi nozakwethu ngokusebenza ngokubambisana nami,” kusho uMakhaula kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Iqhinga lethu lihambe kahle kakhulu yize bekungahlangani kahle ngesiwombe sokuqala. Sithole amathuba kodwa sangawasebenzisa ngendlela.

“Besihlele ukuthola uRelebohile Mofokeng no(Patrick) Maswanganyi uma siya phambili. Nokho izinto zithande ukuba nzima ngesikhathi sekungene abadlali abafana noThabo Cele.

“Bengingazi ukuthi yimina omdala kunabo bonke abadlali kulo mdlalo womkhaya. Ngineminyaka engu-35 bengidlala nabafana abancane.”

Womabili amaqembu athole inqwaba yamathuba kodwa langangena igoli, kwaze kwabonakala sengathi umdlalo uzophela ngo 0-0.

Konakale ekugcineni ngesikhathi iChiefs idedela iphenathi ngomzuzu ka-90+5. UNjabulo Blom udonse uRelebohile Mofokeng ngejezi esebhokisini, unompempe wayikhomba emlotheni.

UPatrick Maswanganyi akalenzanga iphutha wayibeka phakathi, kwachwaza inkundla eFNB Stadium. Kuvele kwacaca ukuthi isinqobile iBucs seyinqobile ngoba isikhathi bese sidliwe yingcanga.

Ukunqoba kweBucs kwenze yavala igebe laba amaphuzu amathathu kuphela phakathi kwayo neMamelodi Sundowns. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weligi ngoMgqibelo ozayo.

Mayelana nalo mdlalo umqeqeshi wePirates, uJose Riveira, uthe: “Sifuna umklomelo ofanayo. Sibheke amaphuzu amathathu.”