EzakamuvaIbhola

IGallants imnike ithemba uPitso Dladla ibambana neCasric

Sbongs Gumbi

UPitso Dladla akungabazeki ukuthi ubengathanda ukuqala ngokunqoba emsebenzini wakhe omusha njengomqeqeshi weMarumo Gallants. 

Lo mqeqeshi osemncane nguye onikwe lo msebenzi wokuqinisekisa ukuthi leli qembu alihlali kwiMotsepe Foundation Championship. 

Uqashwe emavikini ambalwa ngemuva kokuchithwa kwiRichards Bay ayisiza ukunyukela kwiDStv Premiership eminyakeni emibili edlule.

IGallants ibuye kade seyilandela ngemuva ngo 1-0, kodwa kwayiwa ekhefini ihamba phambili ngo 2-1 kulo emdlalweni obungeSonto ntambama. 

Beyibhekene neqembu eliqede endaweni yesithathu ngesizini edlule, iCasric Stars egcine ibuyile kulo mdlalo, waphela zibambene ngo 2-2. 

“Besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima. Kodwa sibatshelile abadlali ukuthi umphumela asizuwunaka okwamanje, sifuna bakhombise ukulwa. 

“Ngicabanga ukuthi basinikile lokho,” kusho uPitso Dladla ngemuva kwalo mdlalo obuseSolomon Mahlangu Stadium, kwaNdebele. 

“ICasric ibe nesizini enhle kwedlule, ngakho banokuzethemba, bafuna ukuphinde benze kahle. 

“La sibhede khona wukuthi sihlulwe wukuqaphela ngezikhathi ezimqoka zomdlalo. 

“Emizuzwini eyishumi yokuqala esiwombeni sokuqala, sidedele igoli. Emizuzwini eyishumi yokuqala esiwombeni sesibili saphinde sadedela igoli. 

“Kodwa kumele ngikuvume ukuthi iCasric ibiwuphethe umdlalo, thina ibhola besingaliphathi. Kumele sikulungise lokho. 

“Kumele sikwazi ukugcina ibhola isikhathi eside, ikakhulukazi uma sesihamba phambili. 

“Kodwa ke ngojabule ngoba kuningi okuhle engikubonile. Okubi nakho yizinto esingazilungisa, sibe ngcono kuzo,” kwengeza uPitso Dladla.

Imidlalo yalesi sigaba iqale kule mpelasonto njengoba kubangwa ithikithi lokunyukela kwiPremiership ekupheleni kwesizini. 

FUNDA NALA: 

FUNDA NALA: Ubonge ukubambisana uThabo Matlaba iRoyal AM iwina okokuqala

Isiyonke imiphumela ihambe kanje: 

  • NgoLwesihlanu: La Masia 1 Upington City 0; Pretoria Callies 0 Black Leopards 0; Maritzburg United 1 Milford FC 0
  • NgoMgqibelo: Orbit College 2 City Rovers 1; Hungry Lions 2 Amatuks 0; Venda FC 0 JDR Stars 0. 
  • NgeSonto: Casric Stars 2 Marumo Gallants 2; Magesi FC 2 Baroka FC 1