Ezakamuva

ULamine Yamal weBarca enkingeni yokumema abakhubazekile ephathini yakhe

 

Umdlali waphambili weBarcelona, uLamine Yamal, usegxekiwe futhi angase aphenywe ngokuba khona kwabantu abakhubazeke ngokuba bafushane ngesikhathi enomcimbi wokugubha iminyaka engu-18 yokuzalwa.

Lo mcimbi bewenzelwe endlini esendaweni eqhelile emadolobheni amakhulu abeyiqashile e-Olivela, idolobha elincane elingamakhilomitha angu-50, enyakatho ntshonalanga yeBarcelona.

Bekukhona osaziwayo, okubalwa kubona abaculi, abadume kuYouTube, nasezinkundleni zokuxhumana.

Abanye abebeyingxenye yalo mcimbi uRobert Lewandowski, u-Alejandro Blade, uGavi noRaphina, abadlala naye kwiBarcelona.

Abezindaba bebebuthene lapho kungenwa khona kule ndawo ebigadiwe ngaphakathi.

Iqulu labantu abadalwe baba bafushane liqoshiwe libheke kulo mcimbi, okuyinto esisuse umsindo omkhulu.

UJesus Martin Blanco, ongumqondisi jikelele wamalungelo abantu abantu abakhubazekile, iMinistry of Social Rights, usenxuse ukuthi kube nophenyo ngalokhu.

I-Association of People with Achondroplasia and other Skeletal Dysplasias yaseSpain (ADEE) iyakugxeka lokhu ekubiza “ngokuhlukumeza” futhi ithi izothatha izinyathelo zomthetho.

UYamal ungomunye wabadlali abasebancane abafike kwabonakala emhlabeni ngenxa yekhono lakhe kunobhutshuzwayo.

Usevele unqobe imiklomelo eminingi yize eseneminyaka engu-18 nje kuphela.