EzakamuvaIbhola

Amathizethize asevimbe iChiefs ngomgadli waMaZulu

Njabulo Shezi

Sekusele amathizethize okumele alungiswe ngaphambi kokuthi iKaizer Chiefs isayine umgadli waMaZulu FC, uGabadinho Mhango. 

Kuvela ukuthi lo mgadli angase abonakale esegijima kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo njengoba lamaqembu esevumelene ngokudayiselana. 

Leli qembu laseNaturena livele lisafuna ukuqinisa phambili njengoba kuyikhona la belixega kakhulu ngesizini edlule. 

IKazier Chiefs seyivele isayine uRanga Chivaviro obegijima kwiMarumo Gallants ngesizni edlule noshaye amagoli angaphezu kuka-15 kuyo yonke imiqhudelwano. 

AbeFAR Post babika ukuthi AmaZulu asenike umqeqeshi wawo uPablo Martin igunya lokunquma ngalo mgadli oneminyaka engu-30. 

Lo mqeqeshi ucashe ngesithupha ngesikhathi Impempe imbuza ngekusasa lalo mgadli, wathi kuzocaca ngokuhamba kwezinsuku. 

Uthe ngeke asho ukuthi uzohlala noma ngeke ngoba kungenzeka athole indlela yokuphuma Osuthwini ayodlala kwelinye iqembu. 

Lo mgadli ubengekho emdlalweni wokuqala waMaZulu kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup Olundi ngoMgqibelo. 

Lokhu sekuvuthele amahlebezi okuthi kungenxa yokuthi usendleleni ebheke eNaturena la asezitholele khona ikhaya elisha. 

Kuvela ukuthi uMhango bekufanele aye ekomkhulu leKaizer Chiefs eNaturena ngoLwesihlanu ukuze azohlolwa isimo sakhe sempilo.

Kodwa lokhu kuhlehlisiwe ngenxa yokuthi leli qembu belihamba liya eBotswana la linomdlalo wokuzwana amandla neTownship Rollers.

Lo mgadli uke wagijima kwi-Orlando Pirates kodwa wadedelwa ngenxa yokuhluleka wukuziphatha wabe esethwathwa AmaZulu. 

FUNDA NALA: USamir Nurkovic usemgobile uMaMkhize ngemali amkweleta yona

Ubefunwa nayiqembu laseMorocco. Kuvela ukuthi umqeqeshi abesebenza naye kwiPirates phambilini, uJosef Zinnbauer ubefisa ukumthola njengoba esekwiRaja Casablanca nje manje.