U-Austin Dube uthi ilahlekelwe iChiefs ngokuduba kukaBilliat
Alfred Ngubane
Uchaze uKhama Billiat njengomdlali okhethekile u-Austin Dube obedlala nale nsephe yaseZimbabwe kwiKaizer Chiefs kulamasizini amabili edlule.
U-Austin Dube ukholwa ukuthi uBilliat akuyena umdlali okumele umyeke nje ahambe futhi uthi iChiefs iyamdinga.
Uthi into enhle kakhulu ngoBilliat akukhona ukuthi ungumdlali omuhle enkundleni, kodwa uthi unekhono lokuhlanganisa abadlali, bazwane bonke.
“Ngifisa sengathi kungaba khona ukubonisana phakathi kwezinhlangothi zombili (olweChiefs nolukaBilliat),” kusho u-Austin Dube.
Uthi le ngcindezi ebekwe emahlombe kaBilliat, yokwenza sengathi nguye yedwa obengadlali kahle kwiChiefs ayifanele.
“Lokhu ngikusho ngoba iqiniso wukuthi iChiefs ayibanga namasizini amahle kodwa bengasho ukuthi uKhama Billiat uyabheda njengoba abalandeli bacabanga.
“Kodwa ingcindezi inkulu futhi akekho umdlali ongathi ubedlala kahle kakhulu.
“Ubobona ngokuthi abadlali bethu kade bengenzi kahle ngokusala ngaphandle kwiBafana Bafana.
“Uma ngabe bekunguKhama Billiat obhedayo, bekumele abanye bavelele phela, bashaye into ecokeme.
“Bsiyaxoxa noKhama njengoba wonke umuntu ubehlale ekhathazekile ngokushaya udaka kweqembu elikhulu njengoba abalandeli bahlale bebheke imiphumela emihle.”
U-Austin Dube uveze nokuthi akuhleziwe, kodwa kwenziwa konke okusemandleni ukuguqula isimo eNaturena.
“Abadlali nabaqeqeshi, ngisho abaphathi imbala wonke umuntu uyalwa ukuzama ukuletha uguquko eqenjini.
“Ngicabanga ukuthi ukushintsha kwebhola emhlabeni kuyishayile iChiefs.”
UDube uphinde waveza ukuthi ufunde lukhulu kwiChiefs ikakhulukazi ukuziphatha uma ungumdlali webhola elikhokhelayo.
Uphinde wacela abalandeli baleli qembu ukuthi babekezelele abadlali nabaqeqeshi ngoba uyazi ushiye izinto zilukhuni.
FUNDA NALA: Akhala ngendlala amabhokisa aseKZN angasaqhathwa
“Kodwa zizojika zona, zibuyele endaweni lapho iqembu lifuna ukuba khona njengoba lisazama ukuzihlela kabusha.
“Uma ubheka uhlobo lwabadlali abathengiwe ngabasezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uDube.