EzakamuvaIbhola

UMolefi Ntseki uthi ‘uyapheka’, uzophaka ulozolo lwento kwiChiefs

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uzwakalise ukweneliseka ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo nakuba lihlulwe yiYoung Africans yaseTanzania.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zihlulwe emdlalweni wobungani obuseBenjamin Mkapa Stadium eDar es Salaam, iYanga inqoba ngo 1-0.

Lo mdlalo ubuhanjelwe abalandeli ababalelwa ku-60 000, kanti uMolefi Ntseki uthi ujabule ngendlela ezakhe ezidlale ngayo.

Engxoxweni yakhe nesiteshi sikamabonakude saseTanzania i-Azam ngemuva komdlalo, uNtseki uthe uyayibona inqubekelaphambili eqenjini lakhe.

Ugqamise okuhle iqembu lakhe elikwazi ukukwenza uma liphethe ibhola noma selilahlekile, uthi izinto zihamba ngendlela efanele.

UMolefi Ntseki, othathe izintambo ku-Arthur Zwane emasontweni ambalwa edlule, ukugcizelele ukubaluleka kwalesi sikhathi sokuzilungiselela.

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo ngesiwombe sokuqala nendlela esidlale ngayo kwesesibili, kukhona esikuphekayo,” kusho uMolefi Ntseki.

“Kunento esiyilungisayo. Uma ubheka nendlela esidlala ngayo uma lingekho kithi ibhola, noma sesiliphethe, ngicabanga ukuthi siza kahle impela.”

Lo mdlalo weYoung Africans unikeze ithuba abanye abadlali abasha kwiChiefs ukuthi baveze amakhono abo.

Abadlali abafana no-Edson Castillo, uGiven Msimango, uThatayaone Ditlhokwe, noPule Mmodi baqale umdlalo wabo wokuqala. URanga Chivaviro akabonakala ngenxa yokulimala.

Nokho indlela edlale ngayo iChiefs ishiye abanye babalandeli bexhilekile, bengabaza ukuthi izokwazi ukubabuyisela izinsuku zenjabulo.

Kodwa uNtseki uthi lesi yisikhathi sokuzilungiselela kuphela futhi basazama kodwa kuzoqala isizini sebesezingeni elihle.

“Yisikhathi sokulungiselela lesi. Kumele sithathe igxathu eloilodwa ngesineke. Ngicabanga ukuthi kube yimizuzu engu-90 emihle…

“Ngaphandle kwezikhawu ezimbalwa lapho sibavumele ukuthi bawulawule umdlalo.

“Kodwa uma sikhuluma iqiniso, mayelana nokusebenza kweqembu lethu, ngijabule ngengikubonile.”

IChiefs inomunye umdlalo wobungani omkhulu lapho kulindeleke ukuthi yenze kangcono uma seyibhekene nezinkunzi zaseBotswana iTowship Rollers ngoMgqibelo.

FUNDA NALA: I-Orlando Pirates ibhubhudle iTS Galaxy zizwana amandla eGoli

Ngemuva kwalokho izokwamukela iChippa United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-Agasti 6 emdlalweni wayo wokuqala weDStv Premiership wesizini entsha.