EzakamuvaIbhola

Ingase idayiswe iMoroka Swallows ‘eshoda ngezimali’ 

IMoroka Swallows, okungelinye lamaqembu anomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika, ingase ingase iphinde ithole esinye isiqalo esisha.

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi abaphathi abakhona njengamanje sebevulelekile ukuthi bengalidedela iqembu uma kuvela ofisa ukulithenga.

ISwallows njengamanje iholwa nguDavid Mogashoa ongusihlalo nokunguye owaba sekhaleni lempi lokuyivusa seyifile. 

Leli qembu laseSoweto ladlilwa yizembe laze layoshona ehlathini, lafika nakhona kwabheda ladlulela kwi-ABC Motsepe League.

Nakuyo le ligi yama-amesha izinto zabhimba, yadliwa yizembe. Kulapho okwaqhamuka khona uMogashoa.

Wathenga iSwallows qede wathenga isitifiketi seMaccabi FC eyayidlala kwiMotsepe Foundation Championship ngaleso sikhathi.

Wabe eseyishintsha igama kwaba yiSwallows FC, ngenxa yokuthi ubengakwazi ukusebenzisa eleMoroka Swallows ngenxa yezikweletu zeqembu.

Yabe seyikhuphukela kwiDStv Premiership, kwavuka ithemba kubalandeli bayo ukuthi izinkinga ziphelile futhi iDube Birds ibuyile.

Kodwa akuphelanga sikhathi esitheni, kwaqala kwavela ukuthi kunezinkinga zezimali futhi iqembu alisakwazi ukukhokhela izindleko zalo.

Kwagcina kungasakhokhelwa nabadlali okwenza iningi elalithengwe ngaleso sikhathi lishiye kuleli qembu, lasala lilengele ezembeni. 

Lasinda, futhi ngesizini edlule bekungathi isimo siba ngconywana. Ekuqaleni kwale sizini ibuyele egameni layo eliphelele leMoroka Swallows. 

Libe selilanda nabanye abadlali abanohlonzo, futhi ekuqaleni kwesizini belidlala kahle ngaphansi kukaSteve Komphela.

Kodwa manje sekuvele ukuthi izinkinga zezimali seziphinde zalikhinyabeza leli qembu kanti nosihlalo ngathi selimudle kakhulu ezimalini, usefuna ukushiya. 

Ngokuthola kweMpempe, akukho muntu osavelile ukuthi uyalifuna iqembu kodwa bona abaphathi sebekuvezile ukuthi bayadayisa. 

“Kubi. Lento yezindleko seyiphumile esandleni futhi kuyacaca abaphathi baphelelwe amaqhinga manje,” kusho umthombo. 

“Yize ebesathanda ukuba ngusihlalo waleli qembu elinomlando omuhle kanje, kodwa uyabona lizogcina liphindele ehlathini futhi.

“Yingakho esengavula izandla uma kukhona othi uyalifuna,” kuchaza lo mthombo ongaphakathi eqenjini ocele ukungavezwa.

Uthe ubungakazizwa ezokuthi uSteve Komphela usenkingeni kubaphathi kulandela ukukhulula esidlangalaleni ngokungaholi kwabadlali muva nje.