UBhele Nomvete unesicelo esikhethekile kwiBafana
ALFRED NGUBANE
USiyabonga “Bhele” Nomvete unxusa abadlali beBafana Bafana ukuthi balwe ngayo yonke indlela ukuqinisekisa ukuthi bayayishaya iSuper Eagles yaseNigeria.
IBafana izodlala neSuper Eagles emdlalweni owandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoLwesithathu ebusuku.
UNomvete – naye owake wagijima kwiBafana – usenenxa neNigeria njengoba ayekhona ibawashisa ijezi ngo-2000.
INigeria yashaya iBafana ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu kuwo lo mqhudelwano la kwakubhoke khona uTijani Babangida owashaya lamagoli amabili.
“Ngethemba ukuthi abadlali beBafana Bafana bayakuqonda ukuthi kumele bawunqobe lo mdlalo,” kusho uNomvete.
“Ngifuna basenzele umsebenzi owasihlula thina. Banethuba elihle bona bokuqeda ukuzenzela kweNigeria kithi.”
Izothwala kanzima iBafana kulo mdlalo ngoba iNigeria izobe inenqwaba yabalandeli kwazise ingomakhelwane ne-Ivory Coast.
Kodwa noma kunjalo, uBhele Nomvete ukholwa ukuthi abadlali beMamelodi Sundowns okuyibo abaningi kwiBafana, bakujwayele ukudlala phambi kwabalandeli abaningi engebona ababo.
FUNDA NALA: ULorch uklolodele iPirates athi izama ukumdicilela phansi
Abalandeli beqembu lesizwe laseNigeria kulindeleke ukuthi bafake ingcindezi kwiBafana.

