Usehlwithwe Usuthu uRowan Human obefisa iChiefs
Sihle Ngubo
URowan Human ugcine engalifezanga iphupho lakhe aliveze emavikini amabalwa edlule lokuyodlalela iKaizer Chiefs.
Lo mdlali obegijima kwiMaritzburg United kuqinisekiswe ngoLwesibili ukuthi useqede konke nelinye iqembu laKwaZulu-Natal, AmaZulu FC.
UHuman uke wakusho ngokungananazi ukuthi angathanda ukudlala kwiChiefs kodwa akhona namanye amaqembu abemfuna.
Ngaphandle kwaMaZulu FC, iSuperSport United nayo ibimcathamela futhi bekuyiyona ebibukeka izomhlwitha iChiefs ibuka.
“Yebo, bona (iKaizer Chiefs) bayiqembu elikhulu futhi banabadlali abahle ngakho ngeke ngikwale ukuya khona,” kusho uRowan Human muva nje.
“Baneqembu elihle futhi ngibona sengathi badinga ukulwela izindebe. Anginaso isiqiniseko sokuthi ngimataniswa neSuperSport United.
“Kodwa angikezwa lutho ngakho, anginaso isiqiniseko kodwa ukusebenza noGavin Hunt kuhlale kuyinto enhle ngoba nguye owanginika ithuba ngisemncane…”
Wasiveza nesifiso sokuqhubeka nokudlala esigabeni esiphezulu, engahambi neMaritzburg ukuya ehlathini.
“Ngingathanda ukuhlala kwiPremiership futhi angikacabangi ngokudlala esigabeni sokuqala,” kwengeza uRowen Human.
URowan Human udlale kahle kakhulu ngesizini edlule kwiTeam of Choice. Nokho ukudlala kwakhe kahle akulisizanga iqembu njengoba ligcine lidliwe yizembe.
ITeam of Choice ihluleke yancama nasemidlalweni yokuhlunga egcine iwinwe yiCape Town Spurs eqeqeshwa uShaun Bartlett.
IMaritzburg isanda kuqasha uZipho Dlangalala njengomqeqeshi wayo omusha.
Kulindeleke ukuthi uDlangalala azame ukubuyisela leli qembu esigabeni esiphezulu nokuyinto ehlale iyinselelo kakhulu.
FUNDA NALA: UPortia Modise usola abagxeka iBanyana Banyana
Akubuywa kalula kwiMotsepe Foundation Championship nokuchaza ukuthi iTeam of Choice kumele izibambe ziqine kule sizini ezoqala.