EzakamuvaIbhola

IKaizer Chiefs neKappa babuyelene: Nawa amajezi azobuyisa isithunzi

Intatheli yeMpempe

\IKaizer Chiefs neKappa, okuyizihlabani ezaziwayo ebholeni laseNingizimu Afrika, sebephinde bahlangana, bethula amajezi amasha azokhuthaza abadlali nabalandeli baMakhosi ngokufanayo.

Lokhu kuhlangana kuphawula ubudlelwano obunamandla osebubuyile ukuze buphinde bubuse nokuzokhumbuza abalandeli izikhathi zokubusa kweKaizer Chiefs phakathi kuka-1989 ngo-1996. 

Kulesi sikhathi Amakhosi adla izindebe ezingu-12 ngesikhathi eshaswe yiKappa.

Isizini ka-2023/24 izokwenza iKaizer Chiefs ihalelwe yizimbangi zayo ngejezi layo elineminbala esagolide nomnyama. 

Ijezi lasekhaya, eligcwele imibala egolide ehambisana nemnyama, lizofaka abadlali nabalandeli umuzwa wokuziqhenya, ngokuzihlanganisa neKaizer Chiefs.

Ukwengeza, kwethulwa ijezi eliluhlaza elihambisana nemibala egolide, okuhambisana nemibala yeNingizimu Afrika. 

“Sijabule kakhulu ukwethula amajezi ethu amasha ngokubambisana neKappa,” kusho uqqondisi wezezodayiswa kweKaizer Chiefs, uJessica Motaung.

“Lo msiko uveza ubunjalo bomkhiqizo wethu kanye nokwethembeka kwabaxhasi bethu.”

Lokhu kubambisana kweChiefs neKappa, edume ngezimpahla zezemidlalo ezisezingeni eliphezulu emhlabeni wonke, kugcizelela kuwuphawu lokubuya kweKappa kuleli.

 URicky Joseph, umqondisi nenhloko kwiKappa South Africa, uzwakalisa injabulo ngokuphinde basebenzisane neKaizer Chiefs.

Ukwethulwa kwala majezi ahlukile kuphawula isahluko esisha kwiChiefs neKappa, okuhloswe ngakho ukuhlanganisa amagugu nokukhomba indlela kabusha.

Ingqikithi ethi ‘Khosified’ imele ukuguqulwa kweqembu liphinde libe ngamaqhawe ebhola ngokweqiniso kuleli.

IKaizer Chiefs izodlala okokuqala ngejezi lasekhaya ngoJulayi 6 emdlalweni wayo wokuvula isizini lapho izobhekana khona neChippa United eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

FUNDA FUTHI: Kugcine kuzilungele eBotswana ‘izinkhakha’ zePirates

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, ngena kwi-webiste yeChiefs noma uyilandele ezinkundleni  zokuxhumana.