EzakamuvaIbhola

USaile useyifundile iPSL, uthembisa amagoli kwiChiefs

Ngesikhathi efika kuleli maphakathi nesizini edlule, uChristian Saile wazithola esesimweni esinzima njengoba ibhola elidlalwa kuleli lingafani nala esuka khona.

UChristian Saile usayine kwiKaizer Chiefs ngoJanuwari esuka kwiNchanga Rangers yaseZambia la abeyisihlabani khona.

Kodwa uma efike kuleli, lo mgadli odabuka eDR Congo uthole kunzima ukujwayela indlela okudlalwa ngayo, athi yehluke kakhulu kuneyaseZambia.

Izinto zike zambhimbela ngendlela yokuthi abalandeli base beqalile bengabaza ithalente nenkhono lakhe.

Phela ufika nje kubhekwe ukuthi aqede indlala yamagoli kuleli qembu laseNaturena, manje uma kungasenzeki lokho, abalandeli bazokhalaza.

Kodwa manje izinto sezijikile, futhi nabalandeli sebeqalile ukuyibona lento eyaheha izinhloli zeqembu kuChristian Saile. 

“Impela amaligi awafani. I-PSL ithanda ukuba nzinyana, kungithathe isikhathi ukujwayela,” kusho uSaile kwiKickOff muva nje. 

“Ngibona sengathi sekuqala ukukhanya phambili. Mkhulu umehluko kwindlela okudlalwa ngayo kuleli naseZambia. 

“EZambia  kudlalwa ibhola elisheshayo, kuyagijinywa kanti lapha kudlalwa ngezinga eliphezulu. 

“Lapha kumele ugebhe ngendlela ehlakaniphile. Ngale (eZambia) kwesinye isikhathi izitobha ziyabhayiza zikuphe nebhola kalula.”

Uthe indlela yokudlala yehlukile okusho ukuthi uma ungumgadli obejwayele ukuvele agijime abheke phambili, kumele ushintshe ukwenza.

“Ihlukile indlela okudlalwa ngayo. Lena abadlali basophikweni bangena ngaphakathi, babhekane ngqo nezitobha.

“Kodwa manje (lapha) bahlala khona ezimpikweni okuyinto evulela thina (abagadli) amathuba amaningi okushaya amagoli.” 

UChristian Saile ngomunye wabadlali abazobe bebhekiwe uma iChiefs seyibhekene neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.

Lona kuzobe kungumdlalo wokugcina weChiefs kulo nyaka, bese iya ekhefini ize ibuye ngoFebhuwari 13 isizobhekana neTS Galaxy.